Isigaba 107
Isambulo ngobuphristi, esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, cishe ngo-Epreli, 1835. Nakuba lesi sigaba sabhalwa ngonyaka 1835, umlando obhaliwe uyaqinisa ukuthi okuningi emavesini kusuka ku 60 kuya ku 100 kuvela esambulweni esanikwa ngo Joseph Smith ngomhlaka 11 Novemba, 1831. Lesi sigaba sihlangene nokumiswa komGwamanda wabaliShumi namBili ngo Februwari nango Mashi 1835. Kungenzeka ukuthi umPhrofethi lesi sambulo wasikhuluma ngesikhathi kukhona labo ababe lungisela ukuhamba ngomhlaka 3 Meyi, 1835, beya emisebenzini yabo ephathelene nomgwamanda.
1–6, Bubili ubuphristi: obuka Melkisedeki nobuka-Aroni; 7–12, Labo abanobuPhristi bukaMelkisedeki banamandla okwenza imisebenzi yazo zonke izikhundla eBandleni; 13–17, Abobu bhishobhi bengamela ubuPhristi buka-Aroni, obenza izimiso zangaphandle; 18–20, UbuPhristi bukaMelkisedeki buphethe izikhiye zazo zonke izibusiso zomoya; ubuPhristi buka-Aroni buphethe izikhiye zokusetshenzelwa yizingelosi; 21–38, UbuMongameli bokuQala, abayiShumi naMbili, nabaNgamashumi ayisiKhombisa bakha imigwamanda engamelayo, izinqumo zawo okufanele zenziwe ngokuba munye nangokulunga; 39–52, Uhlelo lobuphatriyake lwamiswa kusuka ku-Adamu kuya kuNowa; 53–57, AbaNgcwele bakudala bahlangana e-Adamu-ondi-Ahman, futhi iNkosi yavela kubo; 58–67, AbayiShumi naMbili kufanele bahlele abaphathi-zikhundla beBandla; 68–76, Ababhishobhi basebenza njengabehluleli babo bonke kwa-Israyeli; 77–84, UbuMongameli bokuQala nabayiShumi-namBili bayinkantolo enkulu kunazo zonke eBandleni; 85–100, Omongameli bobuPhristi balawula imigwamanda engaphansi kwabo.
1 Ebandleni, kukhona ubuphristi obubili, obubizwa ngokuthi, obuka Melkisedeki nobuka-Aroni, okuhlanganisa nobuPhristi bukaLevi.
2 Kungani obokuqala bubizwa ngobuPhristi bukaMelkisedeki yingoba uMelkisedeki wayengu mphristi omkhlulu kakhulu.
3 Ngaphambi kwesikhathi sakhe babubizwa ngobuPhristi obuNgcwele, ngoko Hlelo lweNdodana kaNkulunkulu.
4 Kodwa ngenxa yokuhlonipha noma ukwesaba igama likaNkulunkulu, ukuvimbela ukuphinda kaningi ngokweqile igama lakhe, bona, ibandla, ezinsukwini zakudala, babubiza lobo buphristi ngoMelkisedeki, noma UbuPhristi bukaMelkisedeki.
5 Bonke abanye abasemagunyeni noma ezikhundleni ebandleni bayizengezo kulobu buphristi.
6 Kodwa zimbili izigaba noma izihloko ezinkulu—esisodwa ubuPhristi bukaMelkisedeki, futhi esinye ubuPhristi buka-Aroni noma ubuPhristi bukaLevi.
7 Isikhundla sobu gosa singaphansi kobuphristi bukaMelkisedeki.
8 UbuPhristi bukaMelkisedeki buphethe ilungelo lobumongameli, futhi bunamandla ne gunya phezu kwazo zonke izikhundla ebandleni kuzo zonke izikhathi zomhlaba, ukwengamela ezintweni zikamoya.
9 UbuMongameli bobuPhristi obuKhulu, ngokohlelo lukaMelkisedeki, bunelungelo lokwenza imisebenzi yazo zonke izikhundla ebandleni.
10 Abaphristi abakhulu ngokohlelo lobuPhristi bukaMelkisedeki bane lungelo lokwenza imisebenzi obizweni lwabo, ngaphansi kokuholwa ubumongameli, ekuphatheni izinto zikamoya, futhi ngokunjalo nakuso isikhundla segosa, sobuphristi (ngokohlelo lukaLevi), sobuthisha, sobudikoni, kanye nesobulungu.
11 Igosa linelungelo lokwenza imisebenzi kuso isikhundla somphristi omkhulu uma engekho.
12 Umphristi omkhulu negosa kufanele bengamele ezintweni zikamoya, ngokuvumelana nezivumelwano nemiyalelo yebandla; futhi banelungelo lokwenza imisebenzi kuzo zonke lezi zikhundla zebandla uma bengekho abasemagunyeni amakhulu.
13 Ubuphristi besibili bubizwa ngo buPhristi buka-Aroni, ngokuba banikwa u-Aroni nenzalo yakhe, kuzo zonke izizukulwane zabo.
14 Kungani bubizwa ngobuphristi obuncane yingoba buyisengezo kobukhulu, noma ubuPhristi bukaMelkisedeki, futhi bunamandla okwenza izimiso zangaphandle.
15 Ububhishobhi bungubu mongameli balobu buphristi, futhi buphethe izikhiye noma igunya labo.
16 Ayikho indoda enelungelo ngokusemthethweni kulesi sikhundla, ukuba iphathe izikhiye zalobu buphristi, ngaphandle uma ingowe sizukulwane ngempela sika-Aroni.
17 Kodwa ngokuba umphristi omkhulu wobuPhristi bukaMelkisedeki unegunya lokwenza imisebenzi yazo zonke izikhundla ezincane, angaphatha esikhundleni sikambhishobhi uma engekho owesi zukulwane ngempela sika-Aroni ongatholakala, uma ebiziwe futhi wabekwa futhi wagcotshelwa kula mandla ngezandla zo buMongameli bobuPhristi bukaMelkisedeki.
18 Amandla negunya lalobo obukhulu, noma ubuPhristi bukaMelkisedeki, wukuphatha izikhiye zazo zonke izibusiso zikamoya zebandla—
19 Ukuba nelungelo lokufumana izimfihlakalo zombuso wasezulwini, ukuba bavulelwe amazulu, ukuxhumana no mbuthano omkhulu nebandla leNkosana, futhi nokuthokozela ubudlelwane nobukhona bukaNkulunkulu uBaba, noJesu ongu mlamuleli wesivumelwano esisha.
20 Amandla negunya lalobo obuncane, noma ubuPhristi buka-Aroni, wukuphatha izikhiye zokusetshenzelwa yizingelosi, futhi nokwenza izimiso zangaphandle, izenzo zevangeli, umbhabhadiso wokuphenduka ukuze kutholakale ukuthethelelwa kwezono, ngokuvumelana nezivumelwano nemiyalelo.
21 Ngokwesidingo kukhona omongameli, noma abaphathi zikhundla abengamele abavela, noma ababekwa phakathi kwalabo abagcotshelwe ezikhundleni ezahlukeneyo kulobu buphristi obubili.
22 Kubo ubuPhristi bukaMelkisedeki, abathathu abaPhristi abaKhulu nabeNgamelayo, abakhethwe wumgwamanda, ababekwe futhi bagcotshelwa kuleso sikhundla, futhi abesekwe ngokuthenjwa, ngokholo, nangomkhuleko webandla, benza umgwamanda wobuMongameli beBandla.
23 Abayi shumi nambili abeluleki abahambayo babizwa ukuba babe ngaba Phostoli abayiShumi-namBili, noma ofakazi abakhethekileyo begama likaKristu emhlabeni wonke—ngalokho bayahluka kwabanye abaphathi-zikhundla ebandleni ngemisebenzi yobizo lwabo.
24 Futhi benza umgwamanda, belingana ngegunya nangamandla nomongameli abathathu asebe babaluliwe.
25 Abangama Shumi-ayisiKhombisa nabo babizwa ukuba bashumayele ivangeli, nokuba ngofakazi abakhethekileyo kwabeZizwe nasemhlabeni wonke—ngalokho bayahluka kwabanye abaphathi-zikhundla ebandleni ngemisebenzi yobizo lwabo.
26 Futhi benza umgwamanda, olinganayo ngegunya nalabo ofakazi abakhethiweyo abayiShumi-namBili noma abaPhostoli abasanda kubalulwa.
27 Futhi zonke izinqumo ezenziwa yinoma yimiphi yalemigwamanda kufanele zibe ngezwi lokuvumelana elifanayo; okungukuthi, wonke amalungu kulowo mgwamanda kufanele avumelane nezinqumo, ukuze benze izinqumo zabo zibe namadla afanayo noma zibe neqiniso komunye nomunye—
28 Iningi lingakha umgwamanda uma izimo zidala ukuba kungenzeki ngenye indlela—
29 Ngaphandle kokuba lokhu kube njalo, izinqumo zabo azizifanele izibusiso ezifana nezinqumo zomgwamanda womongameli abathathu ezazi zifanele kudala, ababegcotshwe ngokohlelo lukaMelkisedeki, futhi ababe ngamadoda alungile nangcwele.
30 Izinqumo zalemigwamanda, noma omunye wayo, kufanele zenziwe kukho konke ukulunga, ubungcwele, nokuthobeka kwenhliziyo, ubumnene nokubekezela, nokukholwa, no buqotho, nolwazi, ukuzithiba, isineke, nokwesaba uNkulunkulu, umusa wobuzalwane nesihe;
31 Ngokuba isethembiso wukuthi, uma lezi zinto zivama kubo ngeke bangatheli olwazini lweNkosi.
32 Futhi uma kwenzeka kuba khona isinqumo salemigwamanda esithathwe ngokungalungi, singalethwa phambi komhlangano omkhulu wemigwamanda ehlukeneyo, eyakha abasemagunyeni bebandla abaphethe ezomoya; kungenjalo ngeke kubekhona ukudlulisa icala esinqumweni abasithathile.
33 AbayiShumi namBili bawumKhandlu omKhulu wabeNgamelayo wabaHambayo, ukuba benze imisebenzi egameni leNkosi, ngaphansi kokuholwa wubuMongameli beBandla, ngokuvumelana nokumiswe ezulwini; ukwakha ibandla, nokulawula zonke izindaba zebandla ezizweni zonke, kuqala kwa beZizwe futhi kwesibili kumaJuda.
34 AbangamaShumi-ayisiKhombisa kufanele benze izinto egameni leNkosi, ngokuholwa abayi Shumi namBili noma umkhandlu omkhulu wabahambayo, ekwakheni ibandla nokulawula zonke izindaba zebandla ezizweni zonke, kuqala kwabeZizwe emva kwalokho kumaJuda futhi—
35 AbayiShumi-namBili bethunyiwe, bephethe izikhiye, ukuvula umnyango ngokumemezela ivangeli likaJesu Kristu, kuqala kwabeZizwe emva kwalokho kumaJuda futhi.
36 Imikhandlu emimkhulu emile, kuzo izikhonkwane zeSiyoni, yakha imigwamanda elinganayo ngegunya ezindabeni zebandla, kuzo zonke izinqumo zayo, nomgwamanda wobumongameli, noma nomkhandlu omkhulu ohambayo.
37 Umkhandlu omkhulu eSiyoni wakha umgwamanda olinganayo ngegunya ezindabeni zebandla, kuzo zonke izinqumo zawo, nemikhandlu yabayiShumi naMbili kuzo izikhonkwane zeSiyoni.
38 Kungumsebenzi womkhandlu omkhulu wabahambayo ukucela abangama Shumi-ayisiKhombisa, uma bedinga usizo, ukuba benze umsebenzi wokushumayela nokunika ivangeli, esikhundleni sanoma yibaphi abanye.
39 Kungumsebenzi wabayiShumi naMbili, kuwo wonke amagatsha ebandla amakhulu, ukugcoba abavangeli, njengokuba beyokhonjwa kubo ngesambulo—
40 Uhlelo lwalobuphristi lwamiselwa ukuba ludluliswe kusuka kubaba kuya kundodana, futhi ngokufanele lungolwe sizukulwane ngempela sozalo olukhethiweyo, okwenziwa kulo izethembiso.
41 Loluhlelo lwamiswa ezinsukwini zika-Adamu, futhi lwehla njalo ngozalo ngalendlela elandelayo:
42 Kusuka ku-Adamu kuya ku Seti, owagcotshwa ngu-Adamu eseneminyaka engamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye, futhi wabusiswa nguye eminyakeni emithathu eyandulela ukufa kwakhe (u-Adamu), futhi wafumana isethembiso sikaNkulunkulu ngoyise, sokuthi izizukulwane zakhe kufanele zibe ngezikhethiweyo zeNkosi, futhi nokuthi kufanele bagcinwe kuze kube sekupheleni komhlaba;
43 Ngokuba yena (uSeti) waye yindoda elungileyo, futhi nokufana kwakhe kwaku wukufana ncimishi noyise, kangangoba wayebukeka efana noyise ezintweni zonke, futhi wayengahlukaniswa kuye kuphela ngeminyaka yakhe.
44 U-Enoshe wagcotshwa eseneminyaka eyikhulu namashumi amathathu nane nezinyanga ezine, ngesandla sika-Adamu.
45 UNkulunkulu wabiza uKhenani ehlane ngonyaka wamashumi amane eminyaka yakhe; futhi wahlangana no-Adamu ekuhambeni eya endaweni yase Shedolamak. Wayeseneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa yobudala ngesikhathi efumana ukugcotshwa kwakhe.
46 UMahalalele wayeseneminyaka engamakhulu amane namashumi ayisishiyagalolunye nesithupha nezinsuku eziyisikhombisa zobudala ngesikhathi egcotshwa ngesandla sika-Adamu, owabuye futhi wambusisa.
47 UJarede wayeneminyaka engamakhulu amabili yobudala ngesikhathi egcotshwa ngaphansi kwesandla sika-Adamu, owabuya futhi wambusisa.
48 U-Enoke wayeseneminyaka engamashumi amabili nahlanu yobudala ngesikhathi egcotshwa ngaphansi kwesandla sika-Adamu; futhi wayeseneminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Adamu wambusisa futhi.
49 Futhi wabona iNkosi, futhi wahamba nayo futhi wayephambi kobuso bayo njalonjalo; futhi wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu, okwamenza waba neminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu ngesikhathi eguqulwa.
50 UMetushela wayeneminyaka elikhulu ubudala ngesikhathi egcotshwa ngaphansi kwesandla sika-Adamu.
51 ULameka wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili yobudala ngesikhathi egcotshwa ngaphansi kwesandla sikaSeti.
52 UNowa wayeneminyaka eyishumi ubudala ngesikhathi egcotshwa ngaphansi kwesandla sikaMetushela.
53 Iminyaka emithathu eyandulela ukufa kuka-Adamu, wabiza uSeti, u-Enoshe, uKhenani, uMahalalele, uJarede, u-Enoke, noMetushela, bonke ababenga baphristi abakhulu, nababesele besizukulwana sakhe ababelungile, esigodini sase Adamu-ondi-Ahman, futhi lapho wabanika isibusiso sakhe sokugcina.
54 Futhi iNkosi yavela kubo, futhi basukuma futhi bambusisa u-Adamu, futhi bambiza ngo Mikayeli, umholi, ingelosi enkulu.
55 Futhi iNkosi yamduduza u-Adamu futhi yathi kuye: Ngikwabele ukuba ube ngumholi; izizwe eziningi ziyovela ngawe, futhi ungumholi phezu kwabo ingunaphakade.
56 Futhi u-Adamu wema phakathi nebandla; futhi, nakuba wayese khothanyiswa wubudala, egcwele uMoya oNgcwele, washo konke okwakuzokwehlela izizukulwane zakhe kuze kube isizukulwane sokugcina.
57 Lezi zinto zazibhaliwe zonke encwadini ka-Enoke, futhi kufanele kufakazwe ngazo ngesikhathi esifanele.
58 Kungumsebenzi wabayi Shumi naMbili, futhi, ukugcoba futhi bahlele bonke abaphathi-zikhundla bebandla, ngokuvumelana nesambulo esithi:
59 Ebandleni likaKristu ezweni laseSiyoni, ukugcwalisela kuyo imithetho yebandla maqondana nomsebenzi webandla—
60 Ngiqinisile, ngithi kini, kusho iNkosi yamaBandla, kudingeka kubekhona amagosa angamelayo ukwengamela labo abangabesikhundla sobugosa;
61 Ngokunjalo naba phristi abazokwengamela labo abangabesikhundla sobuphristi;
62 Ngokunjalo nothisha abazo kwengamela labo abangabesikhundla sobuthisha, ngendlela efanayo, namadikoni—
63 Ngalokho-ke, kusuka kwidikoni kuya kuthisha, futhi kusuka kuthisha kuya kumphristi, futhi kusuka kumphristi kuya kwigosa, ngamunye njengokubekwa kwabo, ngokwezivumelwano nemiyalelo yebandla.
64 Emva kwalokho kuza ubuPhristi obuKhulu, obukhulu kunabo bonke.
65 Ngalokho-ke, kudingeka ukuba oyedwa wobuPhristi obuKhulu abekwe ukwengamela lobu buphristi, futhi uyobizwa ngoMongameli wobuPhristi obuKhulu beBandla;
66 Noma, ngamanye amazwi, uMphristi oMkhulu oweNgamele kubuPhristi obuKhulu beBandla.
67 Kusuka kuye kuza ukunikwa kwezimiso nezibusiso ebandleni, ngokubekwa izandla.
68 Ngalokho-ke, isikhundla sobubhishobhi asilingani naleso sikhundla; ngokuba isikhundla sika mbhishobhi ngesokuphatha zonke izinto zasemhlabeni;
69 Nokho umbhishobhi kufanele akhethwe ku buPhristi obuKhulu, ngaphandle uma engowe sizukulwane ngempela sika-Aroni;
70 Ngokuba ngaphandle uma engowesizukulwane ngempela sika-Aroni ngeke aziphathe izikhiye zalobo buphristi.
71 Nokho, umphristi omkhulu, okungukuthi, ngokohlelo lukaMelkisedeki, angahlukaniselwa ukuphatha izinto zasemhlabeni, futhi enolwazi lwazo ngoMoya weqiniso;
72 Futhi nokuthi abe ngumahluleli kwa-Israyeli, ukwenza umsebenzi webandla, ukwahlulela abaphambukayo ngobufakazi njengoba buyobekwa phambi kwakhe ngokwemithetho, ngosizo lwabeluleki bakhe, abakhethileyo noma azobakhetha phakathi kwamagosa ebandla.
73 Lona ngumsebenzi kambhishobhi ongesiye owesizukulwane ngempela sika-Aroni, kodwa ogcotshiwe kubuPhristi obuKhulu ngokohlelo lukaMelkisedeki.
74 Uyokuba ngumahluleli kanjalo, ngisho umahluleli wabo bonke abahlezi eSiyoni, noma kuso isikhonkwane seSiyoni, noma kuliphi igatsha lebandla lapho ayohlukaniselwa khona kulobu bufundisi, kuze kube imingcele yeSiyoni iyelulwa futhi kudingeke ukuba kubekhona abanye ababhishobhi noma abehluleli eSiyoni noma kwenye indawo.
75 Futhi kangangoba kukhona abanye ababhishobhi ababekiwe bayosebenza esikhundleni esifanayo.
76 Kodwa ongowesizukulwane ngempela sika-Aroni unelungelo engokuse mthethweni kubumongameli balobuphristi, kuzo izikhiye zalobu bufundisi, ukuba asebenza esikhundleni sikambhishobhi ezimele, ngaphandle kwabaluleki, ngaphandle kwesimo lapho uMongameli wobuPhristi obuKhulu, ngokohlelo lukaMelkisedeki, equliswa icala, ukuba ahlale njengomahluleli kwa-Israyeli.
77 Futhi isinqumo sanoma yimuphi walemikhandlu, esivumelana nomyalelo othi:
78 Futhi, ngiqinisile, ngithi kini, umsebenzi obaluleke kakhulu webandla, futhi namacala alukhuni kakhulu ebandla, kangangoba kungekho ukuneliseka kuso isinqumo sikambhishobhi noma abahluleli, liyodluliselwa futhi lihanjiswe phezulu emkhandlwini webandla, phambi ko buMongameli bobuPhristi obuKhulu.
79 Futhi ubuMongameli bomkhandlu wobuPhristi obuKhulu buyoba namandla okubiza abanye abaphristi abakhulu, ngisho abalishumi nambili, ukuzolekelela njengabeluleki; ngakho-ke ubuMongameli bobuPhristi obuKhulu nabeluleki babo bayoba namandla okunquma ngenxa yobufakazi ngokwemithetho yebandla.
80 Futhi emva kwalesi sinqumo ngeke liphinde lilethwe futhi phambi kweNkosi; ngokuba lona ngumkhandlu ophezulu kakhulu webandla likaNkulunkulu, futhi yisinqumo sokugcina mayelana nezimpikiswano ezindabeni zomoya.
81 Akekho umuntu ongowebandla ongekho ngaphansi kwalomkhandlu webandla.
82 Futhi kangangoba uMongameli wobuPhristi obuKhulu ephambuka, uyolethwa phambi komkhandlu ojwayelekile webandla, oyosizwa ngabeluleki abalishumi nambili bobuPhristi obuKhulu;
83 Futhi isinqumo sabo ngaye siyokuba ukuphela kwempikiswano ngaye.
84 Ngalokho, akekho ongeke abe ngaphansi ko kulunga nasemithethweni kaNkulunkulu, ukuze zonke izinto zenziwe ngohlelo futhi nangesizotha phambi kwakhe, ngokweqiniso nangokulunga.
85 Futhi phezu kwalokho, ngiqinisile ngithi kini, umsebenzi kamongameli esikhundleni se dikoni ukwengamela amadikoni ayishumi nambili, ukuhlala emkhandlwini nabo, nokuba fundisa umsebenzi wabo, bakhane, njengoba kunikiwe ngokwezivumelwano.
86 Futhi umsebenzi kamongameli esikhundleni sothisha ukwengamela othisha abangamashumi amabili nane, nokuhlala nabo emkhandlwini, ebafundisa imisebenzi yesikhundla sabo, njengoba kunikiwe ezivumelwaneni.
87 Futhi umsebenzi kamongameli kubuPhristi buka-Aroni wukwengamela abaphristi abangamashumi amane nesishiyagalombili, futhi ahlale nabo emkhandlwini, ukubafundisa imisebenzi yesikhundla sabo, njengoba inikiwe kuzo izivumelwano—
88 Lomongameli kufanele abe ngumbhishobhi; ngokuba lona omunye wemisebenzi yalobu buphristi.
89 Phezu kwalokho, umsebenzi kamongameli esikhundleni samagosa wukwengamela amagosa angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha, futhi ahlale emkhandlwini nabo, nokubafundisa ngokwezivumelwano.
90 Lobu bumongameli buhlukile kunalobo kwabangamashumi ayisikhombisa, futhi buhlelelwe labo aba ngahambi emhlabeni wonke.
91 Futhi phezu kwalokho, umsebenzi kaMongameli wesikhundla sobuPhristi obuKhulu wukwengamela ebandleni lonke, futhi abe njengo Mose—
92 Bhekani, nakhu ukuhlakanipha; yebo, ukuba ngumboni, umambuli, nomhumushi, futhi nomphrofethi, abe nazo zonke iziphiwo zikaNkulunkulu azipha umholi webandla.
93 Futhi kungoko mbono otshengisa uhlelo lwaba ngamaShumi ayisiKhombisa, ukuthi kufanele babe nomongameli abayisikhombisa ukuba bengamele phezu kwabo, bekhethwe phakathi kwabangamashumi ayisikhombisa;
94 Futhi umongameli wesikhombisa walabo mongameli kufanele engamele phezu kwabayisithupha;
95 Futhi labo mongameli abayisikhombisa kufanele bakhethe abanye abangamashumi ayisikhombisa ngaphandle kwalaba bokuqala abangamashumi ayisikhombisa abangamalungu abo, futhi kufanele bengamele phezu kwabo;
96 Futhi nabanye abangamashumi ayisikhombisa, kuze kube kasikhombisa kuphindwe ngamashumi ayisikhombisa, uma umsebenzi esivinini ukudinga lokho.
97 Futhi laba abangamashumi ayisikhombisa kufanele babe ngabefundisi abahambayo, kwabeZizwe kuqala ngokunjalo nakumaJuda futhi.
98 Nakuba abanye abaphathi-zikhundla bebandla, abangebona abeShumi naMbili, noma abangamaShumi ayisiKhombisa, bengekho ngaphansi kwesibopho sokuhamba phakathi kwezizwe zonke, kodwa kufanele bahambe njengokuvunyelwa yizimo zabo, nakuba bengabase zikhundleni ezinkulu nezibophezelayo zebandla.
99 Ngalokho-ke, wonke amadoda mawafunde umsebenzi wawo, futhi asebenze esikhundleni abekwe kuso, ngakho konke ukukhuthala.
100 Lowo ovilaphayo ngeke athathwe njengofanele ukuma, futhi lowo ongawufundi umsebenzi wakhe futhi ezikhombisa njengongavunyiwe ngeke athathwe njengofanele ukuma. Ngisho kanjalo. Amen.