Scripture Stories
U-Abrahama no-Isaka


“U-Abrahama no-Isaka,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“U-Abrahama no-Isaka,” Izindaba zeTestamente eliDala(2022)

UGenesise 17; 21–22

U-Abrahama no-Isaka

Ubaba, indodana, nomhlatshelo

Isithombe
U-Abrahama, uSara, nomntwana

U-Abrahama noSara baba nomntwana womfana, njengoba iNkosi yayethembisile. Bamqamba ngokuthi u-Isaka.

UGenesise 17:9; 21:1–3

Isithombe
U-Abrahama efundisa u-Isaka

Babemthanda u-Isaka. Bamfundisa ukukhetha okuhle nokwethemba iNkosi.

UGenesise 21:8

Isithombe
USara no-Abrahama bebuka u-Isaka.

INkosi yethembisa u-Abrahama noSara ukuthi ngo-Isaka umndeni wabo uyokhula ubusise umhlaba wonke. Kodwa ngolunye usuku iNkosi yatshela u-Abrahama ukuba athathe u-Isaka amyise eNtabeni yaseMoriya futhi anikele ngo-Isaka njengomhlatshelo.

UGenesise 17:1–8; 22:1–2

Isithombe
U-Abrahama no-Isaka behamba

Endleleni yabo eya entabeni, u-Isaka wabuza ukuthi ikuphi imvu yomhlatshelo na. U-Abrahama wathi iNkosi izosinika yona.

UGenesise 22:4–8

Isithombe
U-Abrahama no-Isaka bakha i-altare

ENtabeni yaseMoriya, u-Abrahama wakha i-altare wabeka izinkuni kuyo.

UGenesise 22:8–9

Isithombe
U-Abrahama elungiselela ukunikela u-Isaka njengomhlatshelo

Njengoba iNkosi yayiyalile, u-Abrahama wacela u-Isaka ukuba alale e-altare. U-Isaka wamethemba u-Abrahama njengendlela uMsindisi uJesu Kristu athemba ngayo uYise.

UGenesise 22:9

Isithombe
ingelosi ivela ku-Abrahama no-Isaka

Ngesikhathi u-Abrahama ayesezonikela u-Isaka njengomhlatshelo, ingelosi yeNkosi yamvimba. U-Abrahama wakhombisa ukholo lwakhe eNkosini. U-Abrahama wayazi ukuthi uyohlezi eyilandela iNkosi.

UGenesise 22:10–12

Isithombe
inqama ebhajwe esihlahleni

U-Abrahama wabheka phezulu futhi wabona inqama ibhajwe ezihlahleni. INkosi yabanika inqama yomhlatshelo.

UGenesise 22:13

Isithombe
U-Abrahama no-Isaka bebuka isibhakabhaka

U-Abrahama no-Isaka bafunda ngokuthi uBaba oseZulwini wayeyonikela kanjani ngeNdodana Yakhe uJesu Kristu njengomhlatshelo. INkosi uJesu Kristu yamethemba u-Abrahama ngoba walalela. U-Abrahama wasethemba isethembiso seNkosi sokuthi ngelinye ilanga umndeni wakhe uyokhula ngaphezulu kwesibalo sezinkanyezi esibhakabhakeni.

UGenesise 22:17–18; uJakobe 4:5

Shicilela