Scripture Stories
UmBhoshongo waseBabele


“UmBhoshongo waseBabele,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UmBhoshongo waseBabele,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 11

UmBhoshongo waseBabele

Abantu bezama ukwakha indlela eya ezulwini

Isithombe
abantu abakhohlakele

Emva kwezikhukhula, abantu baqala ukungamlaleli uNkulunkulu. Abanye babo babengakholelwa kwisu likaNkulunkulu. Ngaphandle kokucela kuNkulunkulu, baqala ukwakha umbhoshongo ukuzama ukufika ezulwini. Kwakuyithempeli mbumbulu elalibizwa ngomBhoshongo waseBabele.

UGenesise 11:4, 9

Isithombe
Abantu bakha umbhoshongo

UNkulunkulu wayengajabulile neze ngokuthi abantu babakha umbhoshongo. Waguqula ulimi lwabo ukuze bangabe besakwazi ukuzwana. Ngenxa yokuthi babengasakwazi ukuzwana, kwadingeka bayeke ukwakha lowo mbhoshongo.

uGenesise 11:6–8; u-Etere 1:33

Isithombe
abantu behamba

UNkulunkulu wabahlakaza abantu wabathumela emhlabeni wonke ukuba bayophila khona.

UGenesise 11:9

Shicilela