“UmBhoshongo waseBabele,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UmBhoshongo waseBabele,” Izindaba zeTestamente eliDala
UmBhoshongo waseBabele
Abantu bezama ukwakha indlela eya ezulwini
Isithombe
abantu abakhohlakele
Emva kwezikhukhula, abantu baqala ukungamlaleli uNkulunkulu. Abanye babo babengakholelwa kwisu likaNkulunkulu. Ngaphandle kokucela kuNkulunkulu, baqala ukwakha umbhoshongo ukuzama ukufika ezulwini. Kwakuyithempeli mbumbulu elalibizwa ngomBhoshongo waseBabele.
Isithombe
Abantu bakha umbhoshongo
UNkulunkulu wayengajabulile neze ngokuthi abantu babakha umbhoshongo. Waguqula ulimi lwabo ukuze bangabe besakwazi ukuzwana. Ngenxa yokuthi babengasakwazi ukuzwana, kwadingeka bayeke ukwakha lowo mbhoshongo.
uGenesise 11:6–8; u-Etere 1:33
Isithombe
abantu behamba
UNkulunkulu wabahlakaza abantu wabathumela emhlabeni wonke ukuba bayophila khona.