Scripture Stories
UHagari


“UHagari,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UHagari,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 16

UHagari

Isu leNkosi ngendodakazi Yayo

Isithombe
UHagari ekhulelwe

UHagari wayeyincekukazi kaSara. USara wayemdala futhi engenabantwana. Watshela umyeni wakhe, u-Abrahama, ukuthi aganwe nguHagari ukuze bakwazi ukuba nabantwana. U-Abrahama noHagari bashada, futhi uHagari wayesezoba nomtwana maduzane.

UGenesise 16:1–3

Isithombe
UHagari ehamba

UHagari noSara baqala ukungaphathani kahle. UHagari wakhetha ukubalekela ogwadule.

UGenesise 16:4–6

Isithombe
UHagari uphumulela ngasemanzini

Ngesikhathi uHagari ehamba, wakhathala kakhulu futhi woma. Ekugcineni, wafikela endaweni enamanzi waphumulela khona.

UGenesise 16:7

Isithombe
Ingelosi ikhuluma noHagari

INkosi yayazi ngezinkathazo zikaHagari futhi yayinesu lokumsiza. Yathumela ingelosi ukuthi imcele ukuba abuyele ku-Abrahama noSara. Yathembisa ukuthi umndeni kaHagari wawuzokhula. Yathi umntwana ayezomthola kwakuzoba ngumfana futhi kwakuzofanele amqambe igama lokuthi ngu-Ishmayeli.

UGenesise 16:7–14

Isithombe
UHagari no-Ishmayeli beno-Abrahama noSara

UHagari wayethemba iNkosi futhi wayilalela ingelosi. Wabuyela ku-Abrahama noSara. UHagari wamuthola umtwana wakhe womfana, futhi igama lakhe laba ngu-Ishmayeli. UHagari wayazi ukuthi iNkosi yayimqaphile.

UGenesise 16:11, 15

Shicilela