Scripture Stories
UDavide omNcane


“UDavide omNcane,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UDavide omNcane,” Izindaba zeTestamente eliDala

I USamuweli 16

UDavide omNcane

Umfana ongumelusi obizwa ukuba abeyinkosi

Isithombe
USamuweli ehamba

INkosi yathumela umprofethi uSamuweli ukuba ayothola inkosi entsha. USamuwuli owayeyinkosi ngaleso sikhathi, wayesayeka ukulandela iNkosi. INkosi yatshela uSamuweli ukuthi ahambe aye eBethlehema athole indoda ebizwa ngoJese. Inkosi entsha yayizoba ngenye yamadodana kaJese.

I USamuweli 16:1–5

Isithombe
USamuweli namadodana kaJese

Amadodana kaJese amadala ayemade futhi ayenamandla. Kodwa iNkosi yatshela uSamuweli ukuthi engabehluleli ngokuthi babukeka kanjani.

I USamuweli 16:6–10

Isithombe
USamuweli ekhuluma noJese

USamuweli wabuza uJese ukuthi wayenawo yini amanye amadodana na. UJese wathi indodana yakhe yokugcina, uDavide, yayinakekela izimvu. UDavide walethwa kuSamuweli.

I USamuweli 16:11

Isithombe
USamuweli noJese bebuka uDavide umfana ongumelusi

UDavide wayemncanyana kunabafowabo futhi wayengumfana olusayo nje. Kodwa iNkosi yayingenandaba nokuthi uDavide wayebukeka kanjani. INkosi yayazi ukuthi inhliziyo kaDavide yayigcwele ukholo. Yatshela uSamuweli ukuthi uDavide uyokuba yinkosi. USamuweli wambusisa uDavide. uMoya weNkosi wamlungiselela uDavide ukuba abe yinkosi.

I USamuweli 16:12–13

Shicilela