Scripture Stories
U-Abrahama noSara


“U-Abrahama noSara,” Izindaba zeTestamente eliDala (2021)

“U-Abrahama noSara,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 11–15; 17; u-Abrahama 1–2

U-Abrahama noSara

Isethembiso sokubusisa umndeni womhlaba

Isithombe
ingelosi isindisa u-Abrahama kumpristi

U-Abrahama wayehlala edolobheni lase-Uri. Abapristi balapho ababi babefuna ukumnikela njengomhlatshelo wezithixo zabo. U-Abrahama wakhuleka, futhi iNkosi yamsindisa.

U-Abrahama 1:1–20

Isithombe
U-Abrahama noSara bahamba ngekameli

INkosi yase iyala u-Abrahama nomkakhe uSara ukuba basuke e-Uri baye ezweni elikude. Wabethembisa ukubabusisa ohambweni lwabo.

UGenesise 12:1–3; u-Abrahama 2:2–4

Isithombe
U-Abrahama noSara banakekela izimvu

U-Abrahama noSara bayethemba iNkosi basuka e-Uri. Kodwa babedangele ngoba babengakwazi ukuba nabantwana. INkosi yabaduduza. Yabethembisa ukuthi bayoba naye umntwana.

UGenesise 11:30–31; 15:1–6; 17:2–16; u-Abrahama 2:6–9

Isithombe
UNkulunkulu uvela ku-Abrahama

U-Abrahama wakhuleka eNkosini efuna ukufunda kabanzi ngaYo. INkosi yamvakashela u-Abrahama futhi Yazibiza ngoJehova. UJehova wenza isivumelwano no-Abrahama. Wamethembisa ukuthi u-Abrahama wayeyothola ubupristi. Wamethembisa futhi nokuthi ngomndeni ka-Abrahama, yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa.

U-Abrahama 2:6–11

Isithombe
U-Abrahama noSara bahamba ngekameli

Ngesikhathi u-Abrahama noSara behamba, babedinga ukuthola ukudla. Bazama ukuhlala ezweni okwakuthiwa yiKhanani. Kwakungekho ukudla lapho, ngakho-ke kwadingeka baye eGibithe. Kodwa ukuhlala eGibithe kwakunobungozi kubo.

UGenesise 12:10–20; u-Abrahama 2:21–25

Isithombe
U-Abrahama noSara babuka izilwane

U-Abrahama noSara basuka eGibithe babuyela ukuyohlala eKhanani. Babuya nokudla nezilwane zaseGibithe. IKhanani kwakuyingxenye yomhlaba iNkosi eyayibathembise wona.

UGenesise 13:1–4, 12; u-Abrahama 2:19

Isithombe
UMelkisedeki ekhuluma no-Abrahama noSara

INkosi yasigcina futhi nesethembiso Sayo sokuthi u-Abrahama uyothola ubupristi. Langa limbe u-Abrahama noSara bahlangana nenkosi elungile ebizwa ngokuthi uMelkisedeki. U-Abrahama wakhokha okweshumi kuye.

UGenesise 14:18–24; u-Alima 13:15

Isithombe
UMelkisedeki ebusisa u-Abrahama

U-Abrahama wathola ubuphristi kuMelkisedeki. Lobu kwakungubuphristi obufanayo nalobo obatholwa ngabaphrofethi u-Adamu noNowa.

Ukuhunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith, uGenesise 14:36–40; u-Abrahama 1:2–4; IMfundiso neziVumelwano 84:14

Isithombe
U-Abrahama noSara

U-Abrahama noSara babejabule eKhanani, kodwa babesakhathazekile ngoba babengenaye umntwana. Kwakufanele bathembe isethembiso seNkosi sokuthi ngelinye ilanga umndeni wabo uyokhula futhi ubusise umhlaba wonke.

UGenesise 13:12; 15:3–6

Shicilela