Scripture Stories
USamuweli umPhrofethi


“USamuweli umPhrofethi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“USamuweli umPhrofethi,” Izindaba zeTestamente eliDala

1 Samuweli 2–3

USamuweli umPhrofethi

Umfana obizwe yiNkosi

Isithombe
U-Eli ekhuluma namadoda

Isikhathi eside, ama-Israyeli ayengenaye umphrofethi weNkosi owayezobahola. Esikhundleni salokho, abehluleli babephethe kwa-Israyeli iminyaka eminingi. Ngalesi sikhathi, uHana waletha umfanyana wakhe uSamuweli ukuba azohlala no-Eli, umphristi nomehluleli wakwa-Israyeli. USamuweli wayesiza u-Eli ethempelini

1 USamuweli 2:11, 18, 26; 3:1

Isithombe
Amadodana kaEli eba izimpahla

Amadodana kaEli amabili nawo ayesebenza ethempelini, kodwa ayeba iminikelo yeNkosi. Abanye abantu bakhononda ku-Eli, kodwa u-Eli akabajezisanga.

1 USamuweli 2:12–17, 22–23

Isithombe
uSamuweli

Ngobunye ubusuku uSamuweli weza izwi limbiza. Wayecabanga ukuthi kwakungu-Eli, ngakho-ke uSamuweli waya kuye. Kodwa u-Eli wayengambizanga. U-Eli watshela uSamuweli ukuba aphindele emuva embhedeni.

1 USamuweli 3:3-5

Isithombe
USamuweli ekhuluma no-Eli

USamuweli walizwa izwi limbiza okwesibili. Waya kuEli ukuyobuza ukuthi wayefunani. Kodwa u-Eli wayengambizanga. U-Eli watshela uSamuweli ukuba aphindele emuva embhedeni.

1 USamuweli 3:6

Isithombe
U-Eli ekhuluma noSamuweli

USamuweli walizwa izwi limbiza okwesithathu. Waya ku-Eli futhi ukuyobuza ukuthi wayefunani. Ngalesi sikhathi, u-Eli wayesazi ukuthi kwakuyiNkosi eyayikhuluma noSamuweli. U-Eli watshela uSamuweli ukuba aphindele emuva embhedeni. U-Eli wathi uma iNkosi imbiza futhi, kufanele alalele.

1 USamuweli 3:3–9

Isithombe
USamuweli ekhuluma noNkulunkulu

USamuweli walizwa izwi limbiza futhi. Ngaleso sikhathi uSamuweli wacela iNkosi ukuba ikhulume wathi uzolalela. INkosi yatshela uSamuweli ukuthi kwakungekuhle ukuba u-Eli avumele amadodana akhe akhohlakele ukuba asebenze ethempelini. Umndeni ka-Eli wawungeke usavunyelwa ukusebenza lapho kusukela ngaleso sikhathi.

I USamuweli 03:10–14

Isithombe
USamuweli no-Eli bekhuluma

Ngosuku olulandelayo, u-Eli wabuza uSamuweli ukuthi itheni iNkosi. USamuweli wamtshela. U-Eli wayazi ukuthi iNkosi yakhuluma ngoSamuweli.

1 USamuweli 3:15–18

Isithombe
USamuweli ebuka abantu

Lezi zindaba zagcwala sonke isizwe sakwa-Israyeli. Abantu babazi ukuthi iNkosi yakhetha uSamuweli ukuba abe ngumphrofethi Wayo.

1 USamuweli 3:19–20

Shicilela