Scripture Stories
Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele


“Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 3037

Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele

Ubunzima bokuthandana njengomndeni

Isithombe
UJakobe noJosefa egqoke ibhantshi lakhe

URaheli noJakobe babekhuleke iminyaka eminingi ukuba babe nendodana. INkosi yayiphendula imikhuleko yabo ngesikhathi kuzalwa uJosefa. UJosefa wayeyintandokazi kumadodana kaJakobe, futhi wanika uJosefa ibhantshi elikhethekile. Amadodana kaJakobe amadala ayeyi-10 ayenomona.

UGenesise 30:22–24; 37:1–4

Isithombe
UJosefa echaza iphupho elimayelana nokusanhlamvu

Ngesikhathi uJosefa eneminyaka eyi-17, wabanephupho eliyalelwe nguMoya oNgcwele lapho ayeqoqa khona okusanhlamvu ensimini nabafowabo. Umqulu wokusanhlamvu kaJosefa waba mude. Kodwa imiqulu yabafowabo yawukhothamela okaJosefa. Ngesikhathi uJosefa exoxela abafowabo ngaleliphupho, bamthukuthelela.

UGenesise 37:2, 5–8

Isithombe
UJosefa echaza iphupho elimayelana nezinkanyezi

Kamuva, uJosefa waba nelinye iphupho eliyalelwe nguMoya oNgcwele. Ephushweni lakhe, ilanga, inyanga, nezinkanyezi eziyi-11 zazimkhothamela. UJosefa waxoxela umndeni wakubo ngaleliphupho. Leliphupho lalenza kuzwakale sengathi uJosefa uyowubusa umndeni wakubo. Abafowabo baJosefa bamthukuthelela kakhulu kunakuqala. Babengawathandi amaphupho akhe.

UGenesise 37:9–11

Isithombe
UJosefa ebheka abafowabo

Ngelinye ilanga abafowabo bakaJosefa babondla izimvu kude kunasekhaya. UJakobe wathuma uJosefa ukuba ayobabheka.

UGenesise 37:12–19

Isithombe
Abafowabo baJosefa

Abanye abafowabo baJosefa babefuna ukumbulala. Bathatha ibhantshi likaJosefa bamphonsa emgodini.

UGenesise 37:20–24

Isithombe
UJosefa esemgodini

Ngesikhathi uJosefa esemgodini, abafowabo babona izihambi ezaziya eGibithe. Abafowabo banquma ukuthengisa ngoJosefa ukuba abeyisigqila salezi zihambi ngezinhlamvu ezingama-20 zesiliva.

UGenesise 37:25–28

Isithombe
Igazi ebhantshini likaJosefa

Emva kwalokho abafowabo bakaJosefa bafaka igazi lembuzi ebhantshini lakhe. Abafowabo baya kuyise, uJakobe, base bemtshengisa ibhantshi. Bakhuluma amanga kuJakobe bamtshela ukuthi uJosefa wayebulewe yizilwane zasendle.

UGenesise 37:31–33

Isithombe
UJakobe ekhala

UJakobe wakhala ngoba wayecabanga ukuthi uJosefa wayesefile.

UGenesise 37:32–35

Isithombe
UJosefa ephila njengesigqila eGibithe

Kodwa uJosefa wayesaphila. Wayekude nasekhaya eseGibithe, ephila njengesigqila.

UGenesise 37:36

Shicilela