Izindaba zeMibhalo eNgcwele
UNowa nomNdeni Wakhe


“UNowa nomNdeni Wakhe,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UNowa nomNdeni Wakhe,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 6–9; uMose 8

UNowa nomNdeni Wakhe

Umkhumbi, isikhukhula, nezethembiso zeNkosi

UNowa ebuka abantu

UNowa nomndeni wakhe babeyihlonipha iNkosi. Bonke abanye abantu babengalungile. INkosi yatshela uNowa ukuthi isikhukhula sasizomboza umhlaba uma abantu bengaphenduki.

UGenesise 6:5–13; uMose 8:13–17

UNowa efundisa abantu

UNowa wafundisa abantu ukuthi iNkosi iyabathanda futhi ifuna baphenduke babe nokholo kuJesu Kristu. Kodwa abalalelanga.

UMose 8:19–30

UNowa nomndeni bakha umkhumbi

UNowa wayedangele ukuthi abantu babengaphenduki. INkosi yatshela uNowa ukuba akhe umkhumbi omkhulu. Umkhumbi wawuyogcina umndeni kaNowa uphephile ngesikhathi sesikhukhula.

UGenesise 6:14–18; uMose 8:25

izilwane ziya emkhunjini

Umndeni kaNowa waletha ukudla emkhunjini. INkosi yaletha kuNowa okungenani izilwane ezimbili zazo zonke izinhlobo. Izilwane zangena emkhunjini, futhi emuva kwezinsuku eziyisikhombisa kwaqala ukuna.

UGenesise 6:18–22; 7:1–9

umkhumbi untanta olwandle

Njengoba iNkosi yayixwayisile, kwana izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane. Isikhukhula samboza umhlaba.

UGenesise 7:6–23

UNowa nomndeni wakhe

Umndeni kaNowa nazo zonke izilwane emkhunjini bantanta ngokuphepha emanzini.

UGenesise 7:24; 8:1–3

UNowa, umndeni, nezilwane emhlabeni

Ngesikhathi kuphela isikhukhula, umkhumbi wama emhlabeni owomileyo. UNowa nomndeni wakhe bakha i-altare ukudumisa iNkosi futhi beyibonga ngokubavikela. INkosi yethembisa ukuthi ayisophinde ithumele isikhukhula emhlabeni futhi. Yathumela uthingo lwenkosazane njengesikhumbuzo sesethembiso Sayo.

UGenesise 8:13–22; 9:8–17