Scripture Stories
UJobe


“UJobe,” Izindaba zeTestamente eliDala (2021)

“UJobe,” Izindaba zeTestamente eliDala

UJobe 1–3; 19; 38–42

UJobe

Ukwethemba Uthando lweNkosi

Isithombe
UJobe nomndeni bedla isidlo sasebusuku

UJobe wayeyindoda elungile eyayithanda iNkosi futhi igcina imiyalelo Yayo. Yena nomkakhe babenabantwana abayishumi, futhi wayenemihlambi eminingi yezilwane kanye nengcebo eningi.

UJobe 1:1–5

Isithombe
UJobe ebuka isiphepho

INkosi yavuma ukuba ukholo lukaJobe luvivinywe. UJobe wabhekana nezinto eziningi.

UJobe 1:6–12

Isithombe
umuzi kaJobe emlilweni

Ngolunye usuku iningi lezilwane zikaJobe zebiwa. Kamumva umlilo washisa yonke indawo kaJobe futhi wabulala zonke izisebenzi kanye nezinye izilwane zakhe. Emva kwalokho isiphepho sawisa phansi umuzi wendondana kaJobe. Izingane zakhe ezaziphakathi, zafa zonke. UJobe nomkakhe babengasenalutho olusele ngaphandle kwempilo yabo.

UJobe 1:13–19

Isithombe
UJobe nomkakhe bekhuleka

UJobe nomkakhe babedangele. Balahlekelwa yikho konke, ngisho abantwana babo. Kodwa uJobe wayesanokholo eNkosini. Akazange asole iNkosi ngalokhu okwakwenzekile.

UJobe 1:20–22

Isithombe
Unkosikazi kaJobe epha uJobe ogulayo ukudla

UJobe naye wagula. Izilonda ezibuhlungu zagcwala umzimba wakhe wonke. UJobe nomkakhe bazibuza ukuthi kungani lezi zinto zazenzeka na.

uJobe 2:7–9; 3:1–11

Isithombe
UJesu ekhombisa uJobe umkhathi

INkosi yakhuluma noJobe futhi yamkhombisa umhlaba, izinkanyezi, nazo zonke izinto eziphilayo. INkosi yafundisa uJobe isifundo esibalulekile. Zonke izinto zazidalelwe ukusiza abantwana baBaba oseZulwini ukuba bafunde ngeNdodana Yakhe uJesu Kristu futhi bayilandele.

UJobe 38–41

Isithombe
UJobe nomndeni

UJobe waphenduka futhi wacela iNkosi ukuba imxolele ngokungabaza. Wathembisa ukuthemba iNkosi. INkosi yayazi ukuthi uJobe wayeyithanda. Yamelapha uJobe futhi yambusisa ngabanye abantwana kanye nengcebo engaphezulu kunaleyo ayenayo.

UJobe 19:25–2642

Shicilela