Scripture Stories
UDaniyeli nabaNgani Bakhe


“UDaniyeli nabaNgani Bakhe,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UDaniyeli nabaNgani Bakhe,” Izindaba zeTestamente eliDala

UDaniyeli 1

UDaniyeli nabaNgani Bakhe

Ukwenqaba ukudla ukudla kwenkosi

Isithombe
abafana bethathwa ngamasosha

Umbuso waseBabele wanqoba iJerusalema. Bathatha abanye ababafana ababehlakaniphile futhi benamandla babasusa emindenini yabo eJerusalema babaletha eBabele ukuyosebenzela inkosi.

UDaniyeli 1:1-4

Isithombe
abafana enkundleni yenkosi

UDaniyeli nabangani bakhe babengabanye balabafana. Babekhethiwe ukuba basebenzele enkundleni yenkosi futhi babe ngamadoda akhe okuhlakanipha.

UDaniyeli 1:4–6

Isithombe
ukudla newayini

Inkosi yanika uDaniyeli nabangani bakhe ukudla newayini. Kodwa babengafuni ukudla ukudla kwenkosi noma ukuphuza lelo wayini. Kwakungahambisani nemiyalelo kaNkulunkulu.

UDaniyeli 1:5–8

Isithombe
abafana bedla

Lokhu kwenza isisebenzi senkosi sesabele impilo yaso. Sasinakekela uDaniyeli nabangani bakhe, futhi sacabanga ukuthi uma benqaba ukudla kwenkosi, babezokhula babe buthaka kunabanye abafana. Lapho-ke inkosi yayizothukuthela futhi ibulale isisebenzi sayo.

UDaniyeli 1:9–10

Isithombe
UDaniyeli ekhuluma nesisebenzi

Kodwa uDaniyeli wamethemba uNkulunkulu futhi wayefuna ukugcina imiyalelo Yakhe. UDaniyeli wacela isisebenzi ukuba sibaphe amanzi nemifino izinsuku eziyishumi bese siqhathanise impilo yabo neyabanye abafana. Isisebenzi savuma.

UDaniyeli 1:11–14

Isithombe
UDaniyeli nabangani bakhe befunda

Emva kwezinsuku eziyishumi uDaniyeli nabangani bakhe babephilile kunabanye abafana. UDaniyeli nabangani bakhe balandela imiyalelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu wabenza amadoda ahlakaniphe kakhulu enkundleni yenkosi.

UDaniyeli 1:15–20

Shicilela