“UMose neNyoka yeThusi” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UMose neNyoka yeThusi,” Izindaba zeTestamente eliDala
UMose neNyoka yeThusi
Ukufunda ukuba nokholo eNkosini
Isithombe
izinyoka zihlasela abantu
Ngesikhathi ama-Israyeli ehamba ehlane, ayejwayele ukuyikhohlwa iNkosi futhi akhononde. INkosi yathumela izinyoka ukuwasiza abenesizotha futhi ayikhumbule. Izinyoka zabaluma abantu, futhi abantu abaningi bafa.
Isithombe
abantu bencenga uMose
Maduzane abantu baphenduka. Bacela uMose akhulekele ukuthi iNkosi yenze izinyoka zihambe. INkosi ayizange izihambise izinyoka. Kepha yenza indlela yokuthi abantu basindiswe uma belunyiwe.
Isithombe
uMose ubambe inyoka yethusi
INkosi yatshela uMose ukuba enze inyoka yethusi ayifasele endukwini. Uma abantu belunyiwe futhi babuka inyoka yethusi, iNkosi yayizobasindisa. INkosi yasiza ama-Israyeli ukuba azithobe futhi athembele Kuyo.