Scripture Stories
UDavide noGoliyati


“UDavide noGoliyati,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UDavide noGoliyati,” Izindaba zeTestamente eliDala

1 USamuweli 17

UDavide noGoliyati

Ukubhekana nomdondoshiya

Isithombe
UGoliyati

AmaFilisti ayehlasela abakwa-Israyeli. Njalo ekuseni umdondoshiya wamaFilistini obizwa ngoGoliyati wayephonsa inselelo kwabakwa-Israyeli ukuba alwe naye. UGoliyati wayemkhulu futhi emude ukudlula wonke umuntu, futhi wayenolaka. Wayegqoka izivikelo ezisindayo futhi ephatha inkemba, umkhonto, kanye nesihlangu esikhulu. Akekho owayengalinge alwe naye.

1 USamuweli 17:1–11.

Isithombe
Ibutho labesizwe sika-Israyeli lidla

UDavide wayengumelusi omncane ongumfana owayenokholo eNkosini. Abafowabo abadala babengamasosha ebuthweni labesizwe sika-Israyeli. Ngelinye ilanga, uDavide wahambisela abafowabo ukudla. Ngesikhathi efika enkanjini yebutho, wayizwa inselelo kaGoliyati.

1 USamuweli 17:20–23

Isithombe
UDavide ekhuluma namasosha

UDavide wabuza amasosha ukuthi kungani kungekho ovikela abesizwe sakwa-Israyeli. Abafowabo bathukuthelae bamtshela ukuthi ahambe ayonakekela izimvu. Kodwa uDavide wayazi ukuthi iNkosi iyomvikela u-Israyeli.

1 USamuweli 17:24–30

Isithombe
UDavide ekhuluma neNkosi uSawulu

Inkosi uSawulu yayilwazi ukholo lukaDavide, ngakho-ke yacela ukumbona uDavide. UDavide watshela uSawulu ukuthi wayengesabi yena ukulwa noGoliyati. UDavide wachaza ukuthi langa limbe ngesikhathi enakekela izimvu, wabulala ingonyama nebhele. INkosi yamvikela ngaleso sikhathi, futhi uDavide wayazi ukuthi iNkosi yayizomvikela namanje.

1 USamuweli 17:31–37

Isithombe
UDavide elinganisa isivikelo

USawulu wanika uDavide isivikelo sakhe. Kodwa asimlingananga, ngakho-ke uDavide wasikhumula. Wanquma ukulwa engasifakanga isivikelo.

1 USamuweli 17:38–39

Isithombe
UDavide ephethe amatshe

UDavide waqoqa amatshe asulekile amahlanu wawafaka esikhwameni. Wathatha isihlilingi sakhe nenduku yokwelusa waya ukuyobhekana noGoliyati.

1 USamuweli 17:40

Isithombe
uDavide ekhuluma noGoliyati

Ngesikhathi uGoliyati ebona uDavide, wamemeza futhi wahlekisa ngaye. Wathi umfana ongumelusi wayengeke amehlule yena. UDavide wamemeza naye ethi wayethembe iNkosi ukuba imvikele! UDavide wathi wayezomehlula uGoliyati ukukhombisa ubukhulu beNkosi.

1 USamuweli 17:42–47

Isithombe
uDavide elwa noGoliyati

uDavide wagijima waya kuGoliyati Ngokushesha waphosa itshe ngesihlilingi. Itshe lamshaya uGoliyathi esiphongweni, indoda engumdondoshiya yawa phansi. INkosi yasiza uDavide ukuba ahlule uGoliyati ngaphandle kwenkemba noma isivikelo.

1 USamuweli 17:48–50

Isithombe
UDavide nomzimba kaGoliyati

Ngesikhathi amaFilisti ebona ukuthi uGoliyati wayesefile, abaleka enokwesaba. Abakwa-Israyeli bayinqoba impi. UDavide wayethembe iNkosi, futhi iNkosi yamvikela u-Israyeli.

1 USamuweli 17:51–53

Shicilela