Izindaba zeMibhalo eNgcwele
UkuDalwa komHlaba


“UkuDalwa komHlaba,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UkuDalwa komHlaba,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 1–2; uMose 1–3; u-Abrahama 3–5

UkuDalwa komHlaba

Ikhaya elihle labantwana baBaba oseZulwini

UNkulunkulu neNkosi bedala umkhathi

UNkulunkulu uBaba wethu oseZulwini wasibekela uhlelo lwensindiso ezulwini. Sonke samemeza ngenjabulo! Sasizokwazi ukuza emhlabeni ukuzothola umzimba wenyama. Ngesikhathi sisemhlabeni, sasiyofunda ukulandela iNdodana kaNkulunkulu, iNkosi uJesu Kristu. INkosi yadala umhlaba ilandela imiyalelo kaNkulunkulu.

UGenesise 1:1; uJobe 38:4–7; uMose 1:32–33; 2:1; u-Abrahama 3:22–27

umhlaba emkhathini

Ngosuku lokuqala, iNkosi yehlukanisa ukukhanya ebumnyameni. Yabiza ukukhanya ngokuthi usuku nobumnyama ngokuthi ubusuku.

UGenesise 1:3–5; uMose 2:3–5; u-Abrahama 4:1–5

amafu nolwandle

Ngosuku lwesibili, Yahlukanisa amanzi amafwini esibhakabhakeni nasolwandle emhlabeni.

UGenesise 1:6–8; uMose 2:6–8; u-Abrahama 4:6–8

ihlathi eduze nolwandle

Ngosuku lwesithathu, iNkosi yenza ulwandle olukhulu nomhlaba owomileyo. Yaqamba amanzi ngokuthi ulwandle kwathi indawo eyomileyo yaqanjwa ngokuthi umhlaba. Yenza umhlaba wabamuhle ngezimbali, izithelo, izitshalo, kanye nezihlahla.

UGenesise 1:9–13; uMose 2:9–13; u-Abrahama 4:9–13

umfanekiso wobusuku nosuku

Ngosuku lwesine, Yadala ilanga ukuba likhanyise osukwini. Emva kwalokho yadala inyanga nezinkanyezi ukuba kukhanyise ebusuku.

UGenesise 1:14–19; uMose 2:14–19; u-Abrahama 4:14–19

izidalwa zasolwandle

Ngosuku lwesihlanu, iNkosi yenza izinhlanzi olwandle kanye nezinyoni esibhakabhakeni. Yazibusisa izidalwa ukuba zizalane zande futhi yabusisa nezinhlanzi ukuba zigcwalise amanzi.

uGenesise 1:20–23; uMose 2:20–23; u-Abrahama 4:20–23

izilwane zasehlathini

Ngosuku lwesithupha, Yadala izilwane emhlabeni, ezinye ezihambayo, nezinye ezikhasayo.

UGenesise 1:24–25; uMose 2:24–25; u-Abrahama 4:24–25

U-Adamu no-Eva eNsimini yase-Edene

UBaba oseZulwini neNkosi behlela phansi emhlabeni ngosuku lwesithupha. Owesilisa nowesifazane badalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. UBaba oseZulwini wabatshela ukuba banakekelane futhi babe nabantwana. Owesilisa nowesifazane bathenjwi ukutha banakekele umhlaba kanye nezilwane.

UGenesise 1:26–27; uMose 2:26–27; u-Abrahama 4:26–31; 5:7–8

U-Adamu no-Eva bebuka izilwane

UBaba oseZulwini wayejabule ngakho konke Ababekudalile. Ngosuku lwesikhombisa, Baphumula emsebenzini Yabo yonke. Umhlaba wawumuhle futhi ugcwele impilo.

UGenesise 2:1–3; uMose 3:1–3; u-Abrahama 5:1–3