Scripture Stories
UJoshuwa umProfethi


“UJoshuwa umProfethi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UJoshuwa umProfethi,” Izindaba zeTestamente eliDala

UDuteronomi 10; 3134; uJoshuwa 1; 3–6; 10–11; 2124

UJoshuwa umProfethi

Ukuvivinywa kokugcina ngaphambi kokungena ezweni lesithembiso

Isithombe
UJoshuwa ekhuleka

INkosi yabiza uJoshuwa ukuba abe ngumprofethi omusha emva kokuba uMose wathathwa wayiswa ezulwini. Ngesikhathi ama-Israyeli esezinkanjini eduze nomFula iJordani, iNkosi yathi kwase kuyisikhathi sokuba baye ezweni lesethembiso.

UDuteronomi 34:1–9; UJoshuwa 1:1–4; U-Alima 45:19

Isithombe
abantu abakhohlakele eKhanani

Izwe lesethembiso laliseKhanani, kodwa kwakuhlala abantu abakhohlakele lapho. INkosi yatshela uJoshuwa ukuba aqine futhi abe nesibindi. Ngosizo lweNkosi, ama-Israyeli ayengalinqoba izwe laseKhanani.

UJoshuwa 1:1–9

Isithombe
Ama-Israyeli emFuleni iJordani

UJoshuwa wahlanganisa ibutho. iNkosi yabatshela ukuthi baphathe izibhebhe zamatshe ezaziqukethe imiYalelo eyiShumi neminye imibhalo engcwele. Abapristi bathwala lezinto ezingcwele ebhokisini elalibizwa ngomphongolo wesivumelwano. Ibutho lase lilungiselela ukuwela umFula iJordani. Umfula wawujulile futhi ugobhoza ngokushesha.

UDuteronomi 10:5; 31:25–26; UJoshuwa 1:10–11; 3:1–11

Isithombe
UJoshuwa umprofethi

UJoshuwa wethembisa ama-Israyeli ukuthi iNkosi yayizobasiza ukuba bawuwele umfula.

UJoshuwa 3:10–13

Isithombe
amanzi ehlukana ngasonyaweni

UJoshuwa wacela abapristi abayi-12 ukuba bathathe umphongolo wesivumelwano bese behamba phakathi emanzini. Masinyane nje abapristi bengena emfuleni, amanzi ahlukana.

UJoshuwa 3:12–17

Isithombe
Ama-Israyeli ethwele umphongolo wesivumelwano emfuleni owomileyo, abanye beqoqa amatshe

Ama-Israyeli awela umfula emhlabeni owomileyo. UJoshuwa wacela ama-Israyeli ukuba athathe amatshe ayi-12 emfuleni owomileyo. Wawanqwabela amatshe ukukhumbuza ama-Israyeli ngesimangaliso seNkosi ngalelo langa.

UJoshuwa 3:17; 4:1–24

Isithombe
Ama-Israyeli ehamba eya ngase dolobheni

uJoshuwa wahola ibutho lama-Israyeli ukuya ezweni laseKhanani. Bafika edolobheni elalibizwa ngeJeriko. Lelidolobha lalinamandla futhi linezindonga eziphakeme. INkosi yatshela uJoshuwa ukuthi wayengayinqoba kanjani iJeriko. Wathi ama-Israyeli kwakufanele ahambe azungeze iJeriko nsukuzonke kuze kuphele izinsuku eziyisithupha. UJoshuwa wayilalela iNkosi.

UJoshuwa 5:13–15; 6:1–5

Isithombe
Abapristi bethwele umphongolo wesivumelwano, abanye befutha amacilongo.

UJoshuwa watshela abapristi ukuba bathwale umphongolo wesivumelwano ngaphambi kwama-Israyeli. Usuku nosuku, ibutho lahambaa lizungeza iJeriko, futhi abapristi abayisikhombisa babefutha amacilongo abo. Wonke amanye ama-Israyeli ayethule.

UJoshuwa 6:6–14

Isithombe
Ama-Israyeli ememeza, izindonga ziwa.

Ngosuku lwesikhombisa, ibutho lahamba lizungeza iJeriko kasikhombisa. Ngesikhathi abapristi befutha amacilongo abo, uJoshuwa watshela ama-Israyeli ukuba amemeze. Masinyane izindonga zaseJeriko zawela phansi, ibutho likaJoshuwa lase lilithatha lelo dolobha.

UJoshuwa 6:15–16, 20

Isithombe
UJoshuwa ekhuluma nabantu phakathi edolobheni

INkosi yawasiza ama-Israyeli, njengoba yayethembisile. Ibutho likaJoshuwa laqhubeka nokunqoba izwe laseKhanani, ama-Israyeli abe eseqala ukuhlala lapho. UJoshuwa wabakhumbuza ngezimangaliso nezethembiso zeNkosi. Wacela ama-Israyeli ukuba akhethe ukuyikhonza iNkosi.

UJoshuwa 10:42; 11:23; 21:43–45; 24:15

Shicilela