Scripture Stories
INkosi iKhuluma no-Eliya


“INkosi iKhuluma no-Eliya,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“INkosi iKhuluma no-Eliya,” Izindaba zeTestamente eliDala

I AmaKhosi 19

INkosi iKhuluma no-Eliya

Ukulalela izwi leNkosi

Isithombe
u-Ahabi ekhuluma no-Izebeli (uJezebeli), umlilo ngemuva

INkosi u-Ahabi yatshela iNdlovukazi u-Izebeli (uJezebeli) ukuthi iNkosi yabanqoba abapristi bakaBali. U-Izebeli (uJezebeli) wathukuthela futhi wathi uzombulala umprofethi u-Eliya.

I AmaKhosi 19:1–2

Isithombe
U-Eliya ethola umgede

Ukuze aphephe, u-Eliya wahamba ezweni lakwa-Israyeli. Wahamba izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ezile ukudla ngenkathi ehamba. Emva kwalokho wafika eNtabeni iSinayi wase ethola umgede ayengacasha kuwo. INkosi yatshela u-Eliya ukuba ahambe aye esicongweni sentaba ukuze ikwazi ukukhuluma no-Eliya.

I AmaKhosi 19:13, 8–11

Isithombe
U-Eliya ebuka umoya, ukuzamazama komhlaba, nomlilo

Umoya onamandla weza waqhephula amatshe ayengasemgedeni aba yizincezu. Emva kwalokho, kwazamazama umhlaba. Kwase kuqala umlilo. U-Eliya wayizwa imisindo yomoya, ukuzamazama komhlaba, nomlilo. Kodwa izwi leNkosi lalingekho kuleyo misindo.

I AmaKhosi 19:11–12

Isithombe
iNkosi ikhuluma no-Eliya

U-Eliya wase ezwa izwi elithule, elincane. Wayazi ukuthi kwakuyiNkosi. INkosi yambuza u-Eliya ukuthi wayefunani kuleyo ndawo.

I AmaKhosi 19:12–13

Isithombe
U-Eliya ekhuluma neNkosi

U-Eliya wathi wayecashile ukuze aphephe. Bonke abaprofethi base bebulewe, futhi abantu babeyenqaba iNkosi.

I AmaKhosi 19:14

Isithombe
U-Eliya ethola u-Elisha

INkosi yamduduza u-Eliya futhi yamtshela ukuthi maningi ama-Israyeli ayesayikhonza iNkosi. INkosi yacela u-Elisha ukuba aphindele ekhaya ukuze alungisa omunye umprofethi. Igama lalomprofethi omusha kwakungu-Elisha.

I AmaKhosi 19:15–18

Shicilela