Scripture Stories
U-Elisha umPhrofethi


“U-Elisha umPhrofethi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“U-Elisha umPhrofethi,” Izindaba zeTestamente eliDala

2 AmaKhosi 2; 4

U-Elisha umPhrofethi

Izimangaliso zeNkosi

Isithombe
U-Eliya ekhuluma no-Elisha

Ngomphrofethi u-Eliya, iNkosi yalungiselela u-Elisha ukuba abe ngumphrofethi olandelayo. INkosi yase imthatha u-Eliya yamusa ezulwini.

2 AmaKhosi 2:1–15

Isithombe
owesifazane ethela amafutha

INkosi yasiza u-Elisha ukuba enze izimangaliso eziningi. U-Elisha wake wabusisa amafutha owesifazane owayempofu ukuba agcwale amabhodlela amaningi. Owesifazane wawadayisa amafutha ukuze akhokhe izikweletu zakhe.

2 AmaKhosi 4:1–7

Isithombe
U-Elisha ekhuluma nomndeni

Ngesinye iskhathi, owesifazane wasebenzela u-Elisha futhi waba nesihe kuye. U-Elisha wambuza ukuthi yina ayengayenza ukumsiza. Wayefisa ukuba nomntwana. U-Elisha wambusisa yena nomyeni wakhe ukuba babe nendodana.

2 AmaKhosi 4:8–17

Isithombe
umndeni ugubha

Kodwa emva kweminyaka embalwa, indodana yagula yafa. Owesifazane wahamba wayobheka u-Elisha ngoba wayenokholo lokhuthi wayezoyisindisa indodana yakhe. U-Elisha weza wambusisa umfana, waphila futhi. INkosi yamsiza u-Elisha ukuba enze izimangaliso eziningi. Wayengumphrofethi omkhulu weNkosi.

2 AmaKhosi 4:18–37

Shicilela