Scripture Stories
UNehemiya


“UNehemiya,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UNehemiya,” Izindaba zeTestamente eliDala

UNehemiya 1–246

UNehemiya

Ukuvuselela izindonga eJerusalema

Isithombe
UNehemiya, inkosi ibuka

UNehemiya wayengumJuda owayehlala ePeresiya. Wayeyinceku yenkosi eyayethenjwa. Ngelinye ilanga uNehemiya wezwa ukuthi amaJuda ayeseJerusalema ayehlupheka. Izindonga ezazivikela iJerusalema zabhujiswa futhi azizange zaphinde zavuselelwa. IJerusalema yayisengozini. UNehemiya wazila ukudla wakhulekela usizo lweNkosi.

uNehemiya 1

Isithombe
inkosi ikhuluma noNehemiya mayelana nodonga

Inkosi yabuza uNehemiya ukuthi kwakungani ayedumele kangaka. Watshela inkosi ngengozi eyayiseJerusalema. Inkosi yathi ingakwazi ukusiza. UNehemiya wacela ukuya eJerusalema ukuze ayovuselela udonga. Inkosi yenza uNehemiya abe ngumholi yase imnika izimpahla ayezidinga.

uNehemiya 2:2–8

Isithombe
UNehemiya akha udonga, izitha zibuka

UNehemiya namaJuda baqala ukuvuselela izindonga zaseJerusalema. Kodwa izitha zabo zahlekisa ngabo futhi zazama ukubavimba.

uNehemiya 2:17–20

Isithombe
abantu bemhleka usulu uNehemiya

Izitha zabo zazama ukulinga uNehemiya ukuba ahambe kulelo dolobha. Kodwa uNehemiya wayengafuni ukuhamba. Wayethemba iNkosi. Wayenza umsebenzi omkhulu.

uNehemiya 6:2–4

Isithombe
UNehemiya emi odongweni oluphelile.

UNehemiya watshela abantu bakhe ukuba bangasabi. Babeka onogada odongweni ukuba balugcine luphephile. AmaJuda aqhubeka nokulakha udonga. INkosi yanika amaJuda amandla, ase eqeda ukulakha udonga ezinsukwini ezingama-52. IJerusalema yase iphephile futhi.

uNehemiya 4:6–15; 6:5–9, 15–16

Shicilela