Scripture Stories
U-Elisha Welapha UNahamani


“U-Elisha Welapha UNahamani,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“U-Elisha Welapha UNahamani,” Izindaba zeTestamente eliDala

II AmaKhosi 5

U-Elisha Welapha UNahamani

Indlela isimangaliso esikhulu esalandela ngayo ukholo olulula

Isithombe
UNahamani elele embhedeni, egula

Kude eSiriya kwakukhona indoda eyayibizwa ngoNahamani. Wayeyinduna enkulu yebutho laseSiriya. Kodwa uNahamani wayenesifo sesikhumba esibuhlungu esibizwa ngochoko.

II AmaKhosi 5:1

Isithombe
Intombazane engum-Israyeli ixoxa nomfazi kaNahamani

Incekukazi yomkaNahamani kwakuyintombazane yakwa-Israyeli. Lentombazane yayinokholo eNkosini. Yathi uma uNahamani wayengavakashela umprofethi u-Elisha, wayengalapheka esifweni sakhe.

II AmaKhosi 5:2–4

Isithombe
UNahamani ehamba eyofuna u-Elisha

UNahamani wahamba ibanga elide ukuze athola u-Elisha. UNahamani wayecabanga ukuthi wayezolashwa yisimangaliso esikhulu.

II AmaKhosi 5:5–8

Isithombe
UNahamani ekhuluma nenceku ka-Elisha

UNahamani wafika endlini ka-Elisha nezinceku zakhe, namahhashi, kanye nezinqola. U-Elisha wathumela inceku yakhe ukuba inikeze uNahamani imiyalelo yeNkosi. INkosi yayizomelapha uNahamani uma wayezozigeza kasikhombisa eMfuleni iJordani.

II AmaKhosi 5:9–10

Isithombe
UNahamani ekhononda ngasemfuleni

UNahamani wayethukuthele ngoba yena wayefuna umprofethi weNkosi aphume azomelapha ngokushesha. UNahamani wayekhononda ethi imifula emikhulu yaseSiriya yayingcono kakhulu kunoMfula iJordani.

II AmaKhosi 5:11–12

Isithombe
Inceku ikhuluma noNahamani ngasemfuleni

Kodwa izinceku zikaNahamani zambuza uNahamani ukuthi kungani wayehlulwa ukwenza umsebenzi olula kangaka na. Ngisho noma kwakungenamqondo kuNahamani, kepha ngumprofethi weNkosi owayemucelile ukuba akwenze lokho.

II AmaKhosi 5:13

Isithombe
UNahamani eseMfuleni iJordani, elashiwe

UNahamani wayeka ukuzikhukhumeza walalela izinceku zakhe. Wazigeza kasikhombisa eMfulenia iJordani. INkosi yase imelapha uNahamani, njengoba wayeshilo u-Elisha. UNahamani wayesazi ukuthi u-Elisha wayengumprofethi nokuthi iNkosi ikhona ngempela.

II AmaKhosi 5:14–15

Shicilela