Izindaba zeMibhalo eNgcwele
UMalaki umProfethi


“UMalaki umProfethi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UMalaki umProfethi,” Izindaba zeTestamente eliDala

uMalaki 13

UMalaki umProfethi

Ukugcina Umthetho Wokweshumi

Abantu bengawugcini kahle umthetho wokweshumi

AmaJuda ayekhokha okweshumi ngokunikela ngokukodwa kweshumi kwezitshalo nokwezilwane zabo eNkosini. INkosi yayibabusisa uma bekhokha okweshumi. Kodwa amanye amaJuda aqala ukunikela ngokweshumi kwezinkwa ezimbi noma ngezilwane ezingaboni noma ezigulayo. Babezigcinela bona konke okuhle kakhulu.

uGenesise 14:20; 28:22; uDuteronomi 12:6, 11, 17; uMalaki 1:7–8, 12–13

UMalaki efundisa abantu

INkosi yayingeneme neze. UMalaki, umprofethi, watshela amaJuda ukuthi ayeyigebenga iNkosi uma ayengakhokhi okweshumi ngokwethembeka. UMalaki wabatshela ukuba baphenduke.

uMalaki 3:8–9

UMalaki ebukela abantu benikela okweshumi ngokwethembeka

INkosi yanika amaJuda isethembiso. Uma babenikela okweshumi ngokwethembeka, iNkosi yayizothulula izibusiso ezinkulu ezivela ezulweni.

uMalaki 3:10–12