Scripture Stories
U-Adamu no-Eva


“U-Adamu no-Eva,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“U-Adamu no-Eva,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 2–3; uMose 3–5; u-Abrahama 5

U-Adamu no-Eva

Ukuzizwela nokuzibonela ngokuthatha izinqumo

Isithombe
U-Adamu no-Eva benezilwane

U-Adamu no-Eva babengabantwana bokuqala baBaba oseZulwini ukuphila emhlabeni. Babephila eNsimini enhle yase-Edeni, bezungezwe yizinhlobonhlobo zezitshalo nezihlahla. UNkulunkulu uBaba wethu oseZulwini neNkosi uJesu Kristu babebavakashela futhi bekhuluma nabo.

UGenesise 2:8–9; 3:8; uMose 3:8­–9; u-Abrahama 5:8, 14–19

Isithombe
Isihlahla sokwazi okuhle nokubi

UNkulunkulu wabavumela ukuba badle izithelo zazo zonke izihlahla ngaphandle kwesisodwa. Uma babedla esihlahleni sokwazi okuhle nokubi, kwakuyofanele beyishiye insimu futhi ekugcineni bayokufa. USathane wakhuluma amanga ku-Adamu no-Eva. USathane wathi uma babedla isithelo, bayokwazi okuhle nokubi kodwa babengeke bafe.

UGenesise 2:16–17; 3:1–5; uMose 3:9; 4:6–11; u-Abrahama 5:9, 12–13

Isithombe
U-Eva ekha isithelo

U-Eva wakhetha ukusidla isithelo.

UGenesise 3:5–6; uMose 4:12

Isithombe
izandla zibambe isithelo

U-Eva wanikeza u-Adamu ingcosana yesithelo. Naye wakhetha ukusidla.

UGenesise 3:6–7; uMose 4:12

Isithombe
U-Adamu no-Eva becashela uNkulunkulu noJesu

UNkulunkulu neNkosi babavakashela, kodwa u-Adamu no-Eva babesaba futhi bacasha. UNkulunkulu wababuza ukuthi base besidlile yini isithelo sesihlahla sokwazi okuhle nokubi.

UGenesise 3:8–13; uMose:13–14

Isithombe
U-Adamu no-Eva behamba eNsimini yase-Edene

U-Adamu no-Eva batshela uNkulunkulu ukuthi bakhetha ukudla isithelo. Ngenxa yesinqumo sabo, kwakufanele bayishiye iNsimu yaseEdene. Behlukaniswa noNkulunkulu, kodwa Wayebahlelele okuthile. Manje base bazi okulungile kokungalungile futhi base bengakwazi ukuba nabantwana.

UGenesise 3:16–24; uMose 4:15–31

Isithombe
Umndeni ka-Adamu no-Eva bebuka umlilo

U-Adamu no-Eva bethembisa ukuyihlonipha yonke imiyalelo kaNkulunkulu. Bafundiswa ukwenza imihlatshelo ngezilwane. Ngesikhathi belalela, bafunda kabanzi ngeNdodana kaNkulunkulu uJesu Kristu. Bobabili bezwa injabulo enkulu ngoba Wayezosiza umndeni wabo ubuyele kuNkulunkulu.

uGenesise 3:23; uMose 5:1–12

Shicilela