“UMose eNtabeni iSinayi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UMose eNtabeni iSinayi,” Izindaba zeTestamente eliDala
u-Eksodusi 19–20; 24; 31–34; uDuteronomi 4–7
UMose eNtabeni iSinayi
Ukusiza abantu bakhumbule iNkosi
UMose nama-Israyeli bahamba ehlane. Bafika entabeni ebizwa ngokuthi iNtaba iSinayi.
UMose wakhuphukela entabeni ukuyokhuluma neNkosi. INkosi yatshela uMose ukuthi yayifuna ukukhuluma nama-Israyeli ubuso nobuso.
Ama-Israyeli eza ezansi kweNtaba iSinayi futhi iNkosi yadala ukuba ifu lentuthu lizungeze intaba. INkosi yayisefwini. Yakhuluma nama-Israyeli futhi yawanika imiyalelo. Intaba yanyakaza ngesikhathi ikhuluma
u-Eksodusi 19:16–19; 20:1–17; uDuteronomi 4:12–13, 33; 5:4–5
Ama-Israyeli ayesaba. Acela ukuba uMose akhulume neNkosi ukuze uMose awatshele lokho okwakufunwa yiNkosi.
UMose wathatha u-Aroni namagosa akwa-Israyeli angama-70 entabeni ukuba bathole ezinye izimfundiso zeNkosi. INkosi yavela kubo.
Bese iNkosi yatshela uMose ukuthi ashiye amagosa anyukele intaba. UMose walalela. INkosi yasebenzisa umunwe Wayo ukubhala umthetho nemiyalo Yayo ezibhebheni zamatshe. Ezinsukwini ezingama-40, iNkosi yafundisa uMose izinto eziningi.
Ngesikhathi uMose eseNtabeni iSinayi, abantu bakwa-Israyeli bakhathala ukumlinda. Batshela u-Aroni ukuthi enze izifanekiso ukuze bazikhonze njengoba babenza eGibithe. U-Aroni wahlanganisa onke amagolide abo futhi wakha isifanekiso sethole.
Ama-Israyeli akhonza ithole legolide futhi alihlabela. Athi yithole legolide, hhayi iNkosi, elabakhulula eGibithe.
INkosi yayazi ukuthi ama-Israyeli ayekhonza isithixo futhi emukhohlwa. Yayala uMose ukuba aphindele atshele abantu ukuba baphenduke.
UMose wehla eNtabeni iSinayi futhi wabona ama-Israyeli ekhonza ithole legolide. Wayephatheke kabi kakhulu. Abantu babengakulungele ukuthobela umthetho nemiyalelo okwakubhalwe yiNkosi. UMose wephula izibhebhe futhi wabhubhisa ithole legolide. Wasiza ama-Israyeli ukuba aphenduke akhumbule uNkulunkulu wabo weqiniso.
UMose wacela iNkosi ukuba ithethelele ama-Israyeli futhi yenze izethembiso nawo futhi. UMose wathembisa ukuwahola futhi awafundise.
INkosi yacela uMose ukuba enze izibhebhe zetshe ezintsha futhi aphindele eNtabeni iSinayi. INkosi yenze isethembiso esisha nama-Israyeli futhi wawanika imiYalelo Yakhe eyiShumi.
u-Eksodusi 20:2–17; 34:1–17, 28; uDuteronomi 6:24–25; 7:12–13