“Ama-Israyeli Ehlane,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“Ama-Israyeli Ehlane,” Izindaba zeTestamente eliDala
Ama-Israyeli Ehlane
Ukufunda ukuthembela eNkosini
Maduze emva kokuba ama-Israyeli ehambile eGibithe, akhononda ngokuthi ayengenakho ukudla okwanele. Athi kwakungcono ukuba yizigqila eGibithe kunokubulawa yindlala ehlane.
Ukuze afundise ama-Israyeli ukuba amethembe, iNkosi yathumela isinkwa esasivela ezulwini ukuba basicoshe nsuku zonke. Lesi sinkwa basibiza ngemana. Lesi sinkwa sasinambitheka njengoju. INkosi ayizange ithumele imana ngosuku lweSabatha, usuku lwesikhombisa lwesonto. Ngakho-ke ngosuku lwesithupha, wabatshela ukuthi bacoshe imana eyanele izinsuku ezimbili.
Okwesikhashana, iNkosi yathumela nezigwaca ukuba ama-Israyeli azidle. Ekuseni babecosha imana, bese kuthi kusihlwa babeqoqa izigwaca. INkosi yayifuna ama-Israyeli afunde ukumethemba. Ngalendlela, wayebanakekela besehlane.