Scripture Stories
UNefi neziNgcwephe zeThusi


“UNefi neziNgcwephe zeThusi,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

1 Nephi 4–5

UNefi neziNgcwephe zeThusi

Ukufunda ukulandela uMoya

Isithombe
UNefi esondela esakhiweni futhi nezilamani zibukele

ULamani, uLamuweli, uSamu, kanye noNefi babuyela emuva eJerusalema ebusuku. UNefi waya endlini kaLabani ngesikhathi abafowabo bezifihle ngaphandle kwedolobha.

1 Nephi 4:4–5

Isithombe
UNefi ebuka uLabani ephansi

UNefi wavumela uMoya ukuba umuhole. Wayengazi ukuba enzeni, kepha wayazi ukuthi iNkosi yayizomusiza ukuba athole izingcwephe zethusi.

1 Nefi 4:6

Isithombe
UNefi ebambe insabule kaLabani

Ngesikhathi uNefi eseduze nendlu kaLabani, wathola uLabani elele phansi. ULabani wayedakiwe. UNefi wabona insabule kaLabani futhi wayiqukula.

1 Nefi 4:7–9

Isithombe
UNefi ephenduka eflathela uLabani

Ngesikhathi uNefi ebheka insabule, uMoya wamutshela ukuba akabulale uLabani. Kepha uNefi wayengafuni ukumubulala. UMoya watshela uNefi ukuba kwakungcono kufe uLabani kunokuthi umndeni kaNefi ungabi nayo imibhalo engcwele. Babeyidinga imiyalelo kaNkulunkulu eyayibhalwe ezingcwepheni zethusi.

1 Nefi 4:10–11, 13–17

Isithombe
UNefi ekhuleka

UNefi wayazi ukuthi uLabani wazama ukumubulala. ULabani wayekade entshontshe nempahla yabo futhi engafuni ukulandela imiyalelo kaNkulunkulu.

1 Nefi 4:11

Isithombe
UNefi egqoke izingubo zikaLabani

UMoya waphinde wamutshela uNefi ukuba abulale uLabani. UNefi wayazi ukuthi iNkosi yayizomusiza ukuze athole izingcwephe zethusi. Wakhetha ukulalela uMoya. UNefi wamubulala uLabani futhi wagqoka izingubo zikaLabani.

1 Nefi 4:12–13, 17–19

Isithombe
UNefi ekhuluma noZoramu

UNefi wase eya kumgcinimafa kaLabani waphinde wahlangana nomsizi kaLabani uZoramu. UNefi wayenza futhi ekhuluma njengoLabani.

1 Nefi 4:20–23, 35

Isithombe
UZoramu ephethe izingcwephe zethusi.

UNefi watshela uZoramu ukuba uyazidinga izingcwephe zethusi. UNefi wase etshela uZoramu ukuba amlandele. UZoramu wayecabanga ukuthi uNefi wayenguLabani, ngakho-ke wakwenza lokhu okwakufunwa nguNefi.

1 Nefi 4:24–26

Isithombe
abafowabo bemubalekela uNefi

Ngesikhathi uNefi noZoramu bephuma edolobheni, uLamani, uLamuweli, kanye noSamu babecabanga ukuthi uNefi wayenguLabani. Babesaba futhi baqala ukubaleka.

1 Nefi 4:28

Isithombe
Izelamani zikhuluma noZoramu ebheka emuva

UNefi wababiza abafowabo. Ngesikhathi sebazi ukuthi nguNefi, bayeka ukubaleka. Kepha-ke uZoramu waba nokwesaba futhi wazama ukuphindela eJerusalema.

1 Nefi 4:29–30

Isithombe
UNefi ekhuluma noZoramu

UNefi wamuvimba uZoramu. Watshela uZoramu ukuthi iNkosi yayibayalele ukuba bathole izingcwephe. Wamema uZoramu ukuba ahambe nabo ukuya ezweni lesithembiso. UZoramu wayazi ukuthi angaba indoda ekhululekile, hhayi umsizi, futhi wathembisa ukuhamba noNefi nomndeni wakhe.

1 Nefi 4:31–37

Isithombe
UNefi nabafobakhe kanye noZoramu bebingelela uSariya noLehi

Bahamba baphindela emuva kuLehi noSariya. ULehi noSariya babejabule kakhulu ukubona amadodana abo. USariya wayekade esecabanga ukuthi amadodana akhe ayesefile. Ngoba iNkosi yawagcina ephephile amadodana akhe, wayesethemba ukuba umndeni wakhe wawuyalelwe ukuba uhambe eJerusalema. Umndeni kaLehi noSariya wanikela imihlabelo ukubonga iNkosi

1 Nefi 4:38; 5:1–9

Isithombe
ULehi efunda izingcwephe zethusi nomndeni wakhe.

ULehi wafunda izingcwephe zethusi. Wabona ukuthi izingcwephe zaziqukethe izimfundiso zabaprofethi. Wabuye wafunda ukuthi oyedwa wokhokho bakhe kwakunguJosefa, owadayiselwa eGibhithe ngabafowabo kudala. ULehi wayazi ukuthi izingcwephe zethusi zazibalulekile. Wayazi ukuthi iNkosi yayifuna ukuba umndeni wakhe ube nemiyalelo.

1 Nefi 5:10–22

Shicilela