“U-Alima Nabantu Bakhe,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
U-Alima Nabantu Bakhe
Amandla avela kuNkulunkulu ezikhathini ezinzima
U-Alima kanye nabantu bakhe babehlala ezweni elihle. Batshala imbewu bakha nemizi. U-Alima wayengumphristi kaNkulunkulu. Wafundisa abantu bakhe ukuba bathandane. Abantu balalela u-Alima futhi bagcina imiyalelo kaNkulunkulu. Imindeni yabo yakhula, bakha idolobha.
Ngolunye usuku, ibutho lamaLamani lafika. Babedukile. AmaLamani athembisa ukubashiya bodwa abantu baka-Alima uma u-Alima ebasiza ukuba bathole indlela eya ekhaya. U-Alima wakhombisa amaLamani ukuthi angabuyela kanjani ezweni lawo.
AmaLamani akazange agcine isethembiso sabo. Kunalokho, bathatha izwe futhi baba nonogada abaqapha abantu baka-Alima. Futhi benza umNefii ongu-Amuloni inkosi phezu kwabantu ba-Alima. U-Amuloni wayengumholi wabaphristi bamanga. Yena nabaphristi bakhe babulala umphrofethi kaNkulunkulu futhi benza nezinye izinto eziningi ezimbi.
UMosiya 17:12–13; 23:31–32, 37–39; 24:9
U-Amuloni wayethukuthelele u-Alima. Wenza abantu baka-Alima basebenze kanzima kakhulu futhi wabaphatha kabi. Kwakunzima kubantu ba-Alima.
Bakhuleka kuNkulunkulu becela usizo. U-Amuloni wabatshela ukuthi abayeke ukukhuleka. Wathi noma ngubani okhulekayo uzobulawa.
U-Alima kanye nabantu bakhe bayeka ukukhuleka ngokuzwakalayo. Kunalokho, bakhuleka ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu wayizwa imikhuleko yabo. Wabaduduza wabathembisa ukuthi uzobasiza babaleke. UNkulunkulu wenza umsebenzi wabo onzima uzwakale uba lula. Abantu babebekezela futhi bejabule njengoba belalela uNkulunkulu. Babazi ukuthi uNkulunkulu Wayebasiza.
Abantu baka-Alima babemethemba uNkulunkulu futhi babenokholo olukhulu Kuye. Ngolunye usuku, uNkulunkulu wabatshela ukuthi kwase kuyisikhathi sokuhamba. Ngalobo busuku, u-Alima kanye nabantu bakhe bazilungiselela. Baqoqa zonke izilwane zabo nokudla. Ekuseni, uNkulunkulu wafaka amaLamani ebuthongweni obukhulu. Bese u-Alima nabantu bakhe babaleka futhi bahamba usuku lonke.
Ngalobo busuku, wonke amadoda, abesifazane, nabantwana babonga uNkulunkulu. Babazi ukuthi uNkulunkulu kuphela owayengabasiza. Bahamba izinsuku eziningi futhi bafika ezweni laseZarahemla. AmaNefi abamukela, futhi u-Alima wafundisa wonke umuntu ngokuba nokholo kuJesu Kristu. Abantu abaningi bakholwa futhi babhabhadiswa.