“U-Amoni,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
U-Amoni
Inceku ezithobayo
U-Amoni kanye nabafowabo babefuna ukufundisa amaLamani ngeNkosi. Bahamba baya emhlabeni lapho eyehlala khona amaLamanani. Endleleni yabo, bazila ukudla futhi bakhuleka becela usizo eNkosini. INkosi yabaduduza. Yabatshela ukuthi babekezele futhi babe yizibonelo ezinhle. Omunye nomunye wahamba waya endaweni ehlukile ukuze bafundise.
UMosiya 28:1–2; U-Alima 17:6–13
U-Amoni waya endaweni ebizwa ngokuthi ise-Ishmayeli. Abantu ababelapho bambopha bamyisa eNkosini uLamoni. U-Amoni watshela uLamoni ukuthi wayefuna ukuhlala namaLamani. ULamoni wamthanda u-Amoni futhi wamkhulula. Wayefuna u-Amoni ashade nenye yamadodakazi akhe, kodwa u-Amoni wakhetha ukuba yinceku kaLamoni esikhundleni salokho.
ULamoni watshela u-Amoni ukuthi anakekele izilwane zakhe. Ngolunye usuku, u-Amoni nezinye izinceku bathatha izilwane ukuyophuza amanzi. Kuthe izilwane zisaphuza kwafika abaphangi zazethusa. Ezinye izinceku zazisaba ukuthi zizojeziswa ngokulahlekelwa yizilwane zikaLamoni.
U-Alima 17:25–28; U-Alima 18:7
U-Amoni wayazi ukuthi leli kwakuyithuba lokukhombisa amandla eNkosi. Watshela ezinye izinceku ukuthi zingakhathazeki futhi wazisiza ukuba zithole izilwane ezilahlekile.
Izigebengu zabuya zizosabisa izilwane futhi. Kodwa kulokhu, u-Amoni watshela ezinye izinceku ukuthi zisale futhi zivimbele izilwane ukuze zingabalekeli.
U-Amoni wahamba wayovimba abaphangi ukuthi bangesabi izimvu. Abaphangi babengamesabi u-Amoni. Babecabanga ukuthi banamandla kunaye. Kodwa babengazi ukuthi iNkosi yayisiza u-Amoni.
U-Amoni wajikijela amatshe kubaphangi ngesihlilingi sakhe. Abanye babo bafa. Lokhu kwabathukuthelisa abanye abaphangi, futhi bafuna ukubulala u-Amoni. Bamangala ngoba abakwazanga ukushaya u-Amoni ngamatshe abo. Babengalindele ukuthi angaba namandla amangaka.
Abaphangi bazama ukumshaya u-Amoni ngezinduku zabo. Kodwa ngaso sonke isikhathi lapho bezama, u-Amoni wayenqamula izingalo zabo ngenkemba yakhe ukuze bangakwazi ukulwa. Ngokushesha, base besaba kakhulu ukuqhubeka nokulwa base bebaleka.
Izinceku zatshela uLamoni ukuthi u-Amoni wazisindisa kanjani izilwane. ULamoni wamangala. Wayecabanga ukuthi u-Amoni unguMoya oMkhulu, onamandla amakhulu futhi owazi zonke izinto.
ULamoni wayefuna ukukhuluma no-Amoni, kodwa futhi wayekhathazekile.
U-Amoni wahamba wayobona uLamoni, kodwa uLamoni wayengazi ukuthi athini. INkosi yasiza u-Amoni ukuthi azi imicabango kaLamoni. U-Amoni wathi wayengewona uMoya oMkhulu. Watshela uLamoni ukuthi uMoya oMkhulu unguNkulunkulu. ULamoni wayefuna ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu.
U-Amoni wathi uNkulunkulu wenza umhlaba nawo wonke umuntu. U-Amoni wabe esetshela uLamoni ukuthi uNkulunkulu unesu lensindiso. Njengengxenye yalelosu, uJesu Kristu wayezofika. ULamoni wakukholwa lokho u-Amoni ayekushilo. ULamoni wakhuleka wacela uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye nakubantu bakhe.