Scripture Stories
Umuthi Wokuphila


“Umuthi Wokuphila,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“Umuthi Wokuphila,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

1 Nefi 8

Umuthi Wokuphila

Iphupho likaLehi eliphefumulelwe

Isithombe
ULehi ekhuluma nomndeni

Ngobunye ubusuku, uLehi wabanephupho eliphuma eNkosini. ULehi waxoxela umndeni wakhe ngaleliphupho.

1 Nefi 8:2–4

Isithombe
ingelosi ikhuluma noLehi

Ephushweni lakhe uLehi wabona indoda embathe isembatho esimhlophe. Lendoda yatshela uLehi ukuba amlandele.

1 Nefi 8:5–6

Isithombe
ULehi ebumnyameni

ULehi wabona ukuthi wayesendaweni emnyama engenalutho. Wahamba amahora amaningi. Kepha ubumnyama abusukanga. Ekugcineni, uLehi wakhulekela usizo.

1 Nefi 8:7–8

Isithombe
ULehi ebheke umuthi onesithelo

Ngesikhathi uLehi eqeda ukukhuleka, wabona inkundla enkulu. Kuleyonkundla wabona isihlahla esinesithelo esimhlophe. ULehi wacabanga ukuthi isithelo sasizomujabulisa, ngakho-ke wasidla. Umoya wakhe wagcwala intokozo.

1 Nefi 8:9–12

Isithombe
ULehi edla isithelo uSariya, uSamu, kanye noNefi babemi eduze nomfula

Isithelo sazwakala simnandi ukudlula noma yisiphi esinye isithelo. Sasimtoti futhi sinambitheka. ULehi wayefuna ukusidla nomndeni wakhe. Wayazi ukuba sasizobajabulisa nabo futhi. ULehi wabona uSariya, uSamu, kanye noNefi bemi ngasemfuleni. Babebukeka bedukile. ULehi wababiza ngezwi elikhulu. Wabacela ukuba beze bezodla isithelo.

1 Nefi 8:11–15

Isithombe
ULamani noLamuweli behamba

USariya, uSamu, kanye noNefi beza esihlahleni base bedla isithelo. ULehi wabheka uLamani noLemuweli. Wayefuna ukuba besijabulele nabo isithelo. Kepha babengafuni ukusidla isithelo.

1 Nefi 8:16–18

Isithombe
abantu beza emthini

ULehi wasebona indlela enenduku yensimbi eyayiholela kuwo umuthi. Wabona abantu abaningi behamba kuyo indlela. Ngesidumo, kwafika ubumnyama obukhulu. Lobumnyama benza kwabanzima ukubona. Indlela eyodwa yokufinyelela emthini kwakuwukubambelela endukwini yesimbi.

1 Nefi 8:19–24

Isithombe
isandla sibambe induku

Abanye abantu bayishiya indlela base beduka. Abanye babambelela kulenduku yensimbi bakwazi ukuqhubekela phambili.

1 Nefi 8:23–24

Isithombe
owesifazane edla isithelo

Lapho befika emthini, badla isithelo.

1 Nefi 8:24

Isithombe
umuthi, umfula, kanye nesakhiwo esikhulu

ULehi wabheka phezulu futhi wabona isakhiwo esikhulu sigcwele abantu abaningi. Benza ihlaya ngabantu ababedla isithelo. Abanye abadla isithelo baphatheka kabi lapho abanye bebahleka, ngakho-ke bawushiya umuthi. Bazulazula baze balahleka.

1 Nefi 8:25–28, 31–32

Isithombe
abantu emthini

Ephushweni lakhe, uLehi wabona abengeziwe ababebambelele beqinisile endukwini yensimbi. Baqhubekela phambili igxathu emva kwegxathu baze bafinyelela emthini. Base beguqa emthini futhi badla isithelo. Abazange babalalele abantu ababesesakhiweni. Bakhetha ukuhlala emthini.

1 Nefi 8:30, 33

Isithombe
ULehi ekhuluma nomndeni

Ngenkathi uLehi evuka, wayekhathazekile ngoLamani noLamuweli. Abazange basidle isithelo ephushweni lakhe. ULehi wayebathanda oLamani noLamuweli. Wayenethemba lokuba bayohlala besondelene neNkosi. Wabamema ukuba begcine imiyalelo kaNkulunkulu.

1 Nefi 8:36–38

Shicilela