“Izimpawu zokuZalwa kukaJesu,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
Izimpawu zokuZalwa kukaJesu
Ukukholwa ezimfundisweni zomphrofethi
Cishe kwase kuyiminyaka emihlanu kusukela uSamuweli umphrofethi efundise ngezibonakaliso zokuzalwa kukaJesu Kristu. Abantu abaningi bakholwa futhi babheka izibonakaliso. Abanye abantu bathi uSamuweli wayenephutha futhi isikhathi sezimpawu sase sidlulile. Bahlekisa ngamakholwa bathi uJesu akayokuza.
UHelamani 14:2–7; 3 Nefi 1: 4–6
Amakholwa ayekhathazekile, kodwa ayenokholo. Aqhubeka abheka izimpawu. Olunye uphawu kwakuwubusuku lapho kwakungeke kube mnyama khona. Bekuzokhanya njengosuku ngisho emva selishonile ilanga. Ubusuku obungenabo ubumnyama babuyoba isibonakaliso sokuthi ngakusasa uJesu wayeyozalwa kwelinye izwe.
UHelamani 14:2–4; 3 Nefi 1: 7–8
Abantu abangakholwanga benza isu. Bakhetha usuku bathi uma isibonakaliso singenzeki ngalolo suku, amakholwa azobulawa.
Indoda okuthiwa uNefi yayingumphrofethi ngalesi sikhathi. Kwamphatha kabi kakhulu ukuthi abanye abantu bafuna ukubulala amakholwa.
UNefi wakhothama phansi futhi wakhulekela amakholwa ayesezokufa kuNkulunkulu ngenxa yokholo lwawo. Wakhuleka usuku lonke.
Ekuphenduleni umkhuleko wakhe, uNefi wezwa izwi likaJesu. UJesu wathi isibonakaliso sizokwenzeka ngalobo busuku futhi Wayezozalwa ngakusasa.
Ngalobo busuku abukho ubumnyama nakuba ilanga lashona. Abantu ababengawakholwanga amazwi kaSamuweli bamangala kangangokuthi bawela phansi. Besaba ngoba bengakholwanga. Abantu ababekholwa abazange babulawe.
Ngakusasa, ilanga laphinde laphuma futhi isibhakabhaka sahlala sikhanya. Bonke abantu babazi ukuthi lolu kwakuwusuku uJesu ayezozalwa ngalo.
Abantu babona esinye isibonakaliso. Kwavela inkanyezi entsha esibhakabhakeni. Zonke izibonakaliso uSamuweli ayekhuluma ngazo zagcwaliseka. Abantu abaningi ngokwengeziwe bakholwa kuJesu futhi babhabhadiswa.