Scripture Stories
UTeyankumi noMoroni


“UTeyankumi noMoroni,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

U-Alima 62

UTeyankumi noMoroni

Bekhombisa isibindi esikhulu

Isithombe
U-Amoroni nebutho lamaLamani belwa nebutho lamaNefi

Emva kokufa kuka-Amalikiya, umfowabo u-Amoroni waba yinkosi yamaLamani. U-Amoroni wayelokhu elwa namaNefi. Impi yathatha iminyaka. AmaNefi aqala ukunqoba, ngakho wonke amabutho amaLamani abalekela edolobheni elilodwa. UMoroni, uTeyankumi, kanye nenye induna yamaNefi bahamba belandela amaLamani namabutho awo.

U-Alima 52:3–4; 54:16–24; 62:12–35

Isithombe
UTeyankumi uphethe umkhonto futhi usondela edolobheni ebusuku

UTeyankumi wayethukuthele ukuthi u-Amalikiya kanye no-Amoroni babebange lempi enkulu, ende. Ngenxa yempi, kwafa abantu abaningi futhi ukudla kuncane kakhulu. UTeyankumi wayefuna ukuqeda impi. Wangena edolobheni ebusuku ukuyobheka u-Amoroni.

U-Alima 62:35–36

Isithombe
UTeyankumi uphethe intambo elinehuku futhi weqa udonga

UTeyankumi wakhwela phezu kodonga lwedolobha. Wahamba izindawo nezindawo edolobheni waze wathola lapho ayelele khona u-Amoroni.

U-Alima 62:36

Isithombe
UTeyankumi umi emnyango wetende nomkhonto nentambo

UTeyankumi wajikijela u-Amoroni ngomkhonto. Wamshaya eduze kwenhliziyo. Kodwa u-Amoroni wavusa izinceku zakhe ngaphambi kokuba afe.

U-Alima 62:36

Isithombe
UTeyankumi ubhekene namasosha amaLamani aphethe imikhonto

Izinceku zika-Amoroni zamjaha uTeyankumi futhi zambulala. Abanye abaholi bamaNefi babedabuke kakhulu ngokufa kukaTeyankumi. Wayelwele ngesibindi inkululeko yabantu bakhe.

U-Alima 62:36–37

Isithombe
Amasosha amaNefi abamba amasosha amaLamani

Nakuba wafa, uTeyankumi wayesize amaNefi ukuba anqobe impi. Wenza amaLamani alahlekelwa ngumholi wawo. Ngakusasa ekuseni, uMoroni walwa namaLamani futhi wanqoba. AmaLamani alishiya izwe lamaNefi, futhi impi yaphela.

U-Alima 62:37–38

Isithombe
UKapteni uMoroni uqondisa amadoda akha isigodi, futhi imindeni iyabukela

Ekugcineni kwaba nokuthula. UMoroni wasebenza kanzima ukwenza izwe lamaNefi liphephe kumaLamani. UMoroni wabe esegoduka wayohlala ngokuthula. Abaphrofethi bafundisa ivangeli futhi bahola iBandla likaNkulunkulu. Abantu bamethemba uNkulunkulu, wababusisa.

U-Alima 62:39–51

Shicilela