Scripture Stories
UMosiya noZenifi


“UMosiya noZenifi,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

Omini 1; Mosiya 9

UMosiya noZenifi

Uvikelwe yiNkosi

Isithombe
UMosiya ehola abantu

AmaNefi namaLamani abanezimpi eziningi. Ngolunye usuku, iNkosi yatshela umNefi owayebizwa ngoMosiya ukuba ahambe ezweni laseNefi nanoma ubani owayengalandela iNkosi.

Omini 1:10, 12

Isithombe
UMosiya ebheke idolobha

AmaNefi amaningi alalela iNkosi futhi ahamba noMosiya. INkosi yabaholela ezweni elalinabantu ababephila kulona. Babebizwa ngabantu baseZarahemla.

Omini 1:13–14

Isithombe
UMosiya ekhuluma nabantu

Abantu baseZarahemla nabo babesuka eJerusalema kudala. Babejabule ukuthi iNkosi yathumela amaNefi nezingcwephe zethusi. Abantu baMosiya bazibandakanya nabantu baseZarahemla. Bonke abantu bakhetha uMosiya ukuba abe inkosi yabo. Wabafundisa mayelana neNkosi.

Omini 1:14–19

Isithombe
uZenifi ehola abantu

AmaNefi ayekade ephile eZarahemla isikhathi esithile lapho iqoqo elikhulu libuyela ezweni likaNefi. Babeholwa umNefi owayebizwa ngoZenifi.

Omini 1:27–29; Mosiya 9:3–5

Isithombe
Inkosi yamaLamani ikhuluma

AmaLamani ayesephila ezweni lamaNefi, ngakho-ke uZenifi wabuza inkosi yawo ukuba abantu bakhe bangaphila yini khona na. Inkosi yavuma.

Mosiya 9:6–10

Isithombe
AmaLamani ehlasela

Inkosi yakhohlisa uZenifi nabantu bakhe. Wabavumela ukuba bahlale ezweni lamaNefi khona ezothatha ukudla nezilwane zabo ngokuhamba kwesikhathi. Abantu baZenifi bahlala khona ngokuthula iminyaka. Balima ukudla okuningi babanezilwane eziningi. Ngakho-ke amaLamani ahlasela futhi azama ukuthatha ukudla kwabo nezilwane.

Mosiya 9:10–14

Isithombe
Abantu baZenifi benqoba impi

UZenifi wafundisa abantu bakhe ukuba bathembe iNkosi. Ngenkathi amaLamani eza ukuzolwa nabo, uZenifi nabantu bakhe bakhulekela eNkosini. INkosi yabapha amandla futhi yabavikela. Bakwazi ukuwaxosha amaLamani. INkosi yabusisa uZenifi nabantu bakhe ngokholo lwabo.

Mosiya 9:15–18

Shicilela