“INkosi uNowa neNkosi uLimihi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
INkosi uNowa neNkosi uLimihi
Ukuphunyuka kumaLamani
INkosi uNowa yabusa iqembu lamaNefi. Wenza izinto eziningi ezimbi, futhi abanye abantu bamthukuthelela. Indoda okuthiwa uGidiyoni yalwa noNowa ngenkemba. UNowa wabaleka wagibela umbhoshongo. Esembhoshongweni, wabona ibutho lamaLamani liza. UNowa wenza sengathi wesabela abantu bakhe, ngakho uGidiyoni wamyeka ukuba aphile.
UNowa nabantu bakhe babaleka. Kodwa amaLamani abalandela futhi aqala ukubahlasela. UNowa watshela amadoda ukuba ashiye imindeni yawo ahambe naye.
Amanye amadoda ahamba noNowa. Kepha amadoda amaningi akhetha ukuhlala nemindeni yawo. Indodana kaNowa uLimihi nayo yakhetha ukuhlala.
Amadodakazi amaningi ema phambi kwebutho futhi acela amaLamani ukuthi angayilimazi imindeni yawo. AmaLamani alalela amadodakazi futhi avumela amaNefi ukuba aphile. Esikhundleni salokho, amaLamani athumba amaNefi.
Amadoda abaleka ayefuna ukubuyela emindenini yabo. Unowa wazama ukubavimba, ngakho amadoda ambulala. Emva kwalokho babuyela emuva emindenini yabo.
Amadoda ajabula kakhulu ngokuthi imindeni yawo iphephile. Batshela uGidiyoni okwenzeka kuNowa.
Abantu bakhetha uLimihi ukuba abe inkosi yabo entsha. ULimihi wathembisa inkosi yamaLamani ukuthi bazokhokhela amaLamani ingxenye yakho konke abanakho. Ngokubuyisela, inkosi yamaLamani yathembisa ukuthi ngeke ilimaze abantu bakaLimihi.
Baphile ngokuthula iminyaka eminingana. Ngemva kwalokho amaLamani aqala ukuphatha kabi abantu bakaLimihi. Abantu babefuna ukukhuleka futhi. Bazama ukulwa namaLamani, kodwa bahlulwa. Abantu bakhulekela kuNkulunkulu becela usizo.
Ngolunye usuku, umNefi ogama lakhe lingu-Amoni wavakashela uLimihi nabantu bakhe. U-Amoni wayevela ezweni elibizwa ngokuthi iZarahelma. ULimihi wajabula ukubabona u-Amoni.
U-Amoni wayengabaholela abantu bakaLimhi abayise eZarahemla, kodwa kwakudingeka babaleke kumaLamani kuqala. UGidiyoni wayenecebo.
Ebusuku, uGidiyoni wanika onogada bamaLamani iwayini elengeziwe ukuze balale. Ngesikhathi onogada besalele, uLimhi kanye nabo bonke abantu bakhe babaleka edolobheni.
Baya eZarahemla futhi bazihlanganisa namaNefi lapho. ULimihi kanye nabantu bakhe bafunda okwengeziwe ngoNkulunkulu. Benza isivumelwano, noma isithembiso esikhethekile, sokukhonza uNkulunkulu futhi bagcine imiyalelo Yakhe. Babhabhadiswa futhi baba ingxenye yeBandla likaNkulunkulu. Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu wabasiza ukuba baphunyuke kumaLamani.