Scripture Stories
Buyelani eJerusalema


“Buyelani eJerusalema,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“Buyelani eJerusalema,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

1 Nefi 3

Buyelani eJerusalema

Uhambo lwezingcwephe zethusi.

Isithombe
umndeni umisa itende

Umndeni kaLehi noSariya wahamba ehlane. Ephushweni, iNkosi yatshela uLehi mayelana nemibhalo engcwele ebhalwe ezingcwepheni zethusi. Zazikwindoda ebizwa ngoLabani eyayiseJerusalema. INkosi yathi umndeni kaLehi kwawumele uthathe izingcwephe zethusi nawo ohambweni lwabo.

1 Nefi 3:1–3, 19–20

Isithombe
ULehi ekhuluma nomndeni

INkosi yatshela uLehi ukuba athumele emuva amadodana akhe eJerusalema ukuba ayolanda izingcwephe zethusi. Abafowabo baNefi bakhononda. Batshela uLehi ukuthi inzima lento athi abayenze. Babengafuni ukuhamba.

1 Nephi 3:4–5

Isithombe
USariya, uLehi, kanye noNefi bexoxa

Kwakuyinto enzima impela, kepha uNefi wayefuna ukulalela. Wayazi ukuthi iNkosi yayizomusiza nabafobakhe. UNefi watshela uLehi ukuthi uzobuyela emuva eJerusalema ukuyolanda izingcwephe zethusi.

1 Nefii 3:6–8

Isithombe
Izelamani eduze nejerusalema

ULamani, uLamuweli, uSamu, kanye noNefi babuyela emuva eJerusalema. Ngesikhathi befika khona, banquma ukuba uLamani owayezoya emzini kaLabani acele izingcwephe zethusi.

1 Nefi 3:9–11

Isithombe
ULabani noLamani

Ngesikhathi uLamani ecela izingcwephe zethusi, uLabani wamubiza ngomphangi. ULabani wathi uzombulala uLamani.

1 Nefi 3:11–13

Isithombe
ULamani ebalekela onogada

ULamani wabaleka wasetshela abafobakhe ngalokho okwenzeka.

1 Nefi 3:14

Isithombe
UNefi ekhuluma nabafowabo

Izelamani ezine zazidangele. ULamani, uLamuweli, kanye noSamu babefuna ukuphindela kubazali babo ehlane, kepha uNefi wayenecebo. Wathi bangahweba noLabani ukuze bathole izingcwephe zethusi. Baphindela emuva kubo edolobheni baqoqa lonke igolide nesiliva labo ukuze bahwebe.

1 Nefi 3:14–16, 22–24

Isithombe
Izelamani zibalekela onogada

Ngesikhathi betshengisa uLabani igolide nesiliva, wavele walifuna lonke. Kepha futhi wayengafuni ukubanikeza izingcwephe zethusi. Kunalokho, watshela abasizi bakhe ukuba babulale izelamani khona ezothatha igolide nesiliva labo.

1 Nefi 3:16, 23–25

Isithombe
izelamani zicashela onogada

Izelamani ezine zabaleka ukuze zisindise izimpilo zazo futhi zashiya igolide nesiliva labo emuva. Abasizi baLabani abakwazanga ukubabamba. Izelamani zacasha emgedeni.

1 Nefi 3:26–27

Isithombe
ULamani noLamuweli bethukuthelele uNefi noSamu

Emveni kwazo zonke lezinto ezinzima, uLamani noLamuweli babethukuthelele uNefi. Bashaya uNefi noSamu ngenduku.

1 Nefi 3:28

Isithombe
ingelosi ikhuluma noLamani noLemuweli

Ngesidumo, kwaqhamuka ingelosi eyababuza ukuba kungani beshaya uNefi na. Ingelosi yabatshela ukuthi uNefi wayekhethiwe ukuba abahole. Khona ke ingelosi yabatshela ukuba babuyele emuva eJerusalema. INkosi yayizohlela indlela yokuba bazithole izingcwephe zethusi.

1 uNefi 3:29

Shicilela