“Induna yaMasosha uMoroni noPahorani,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
Induna yamMasosha uMoroni noPahorani
Amandla avela kuNkulunkulu
AmaNefi namaLamani ayesempini. UMoroni wayeyinduna yamabutho yamaNefi. Abaholi bamaNefi abathumelanga amasosha nokudla okwanele. UMoroni wacasuka wase ebhala incwadi eya kuPahorani umholi wamaNefi.
Encwadini yakhe, uMoroni wabuza uPahorani ukuthi kungani ayengakaluthumeli usizo. UMoroni wayecabanga ukuthi uPahorani wayengenandaba nabantu ezifunela amandla nje. UMoroni wayefuna abantu bakhe bakhululeke.
UPahorani wadumala ukuthi amabutho ayengenalo usizo. Wayefuna ukusiza uMoroni, kodwa engakwazi. Amanye amaNefi ayelwa naye.
Lawo maNefi ayebizwa ngabantu benkosi. Ayefuna ukuba namandla kube ngawabo futhi babuse abantu. Base bewuthathile umbuso kuPahorani.
UPahorani wayefuna ukuqhubeka nokuhola amaNefi ukuze abasize. NjengoMoroni, wayefuna amaNefi alandele uNkulunkulu futhi agcine inkululeko yawo. Wayefisa ukuthi singabe sisababikho isidingo sokuthi balwe. Kodwa wayezimisele ukulwa uma kwakuzosiza abantu bakhe bavikeleke.
UPahorani wacela amaNefi ukuba amsize alwe ukuvikela imindeni yabo, inkululeko, kanye nelungelo labo lokukhonza uNkulunkulu. Wayazi ukuthi uMoya kaNkulunkulu uyakuba nabo uma bekhetha ukulwela okwakukuhle. AmaNefi amaningi eza ukuzosiza uPahorani avikele izwe.
UPahorani wabhalela uMoroni incwadi. Wayengamdinelwe uMoroni. Watshela uMoroni konke okwakwenzeka. Wacela uMoroni ukuthi eze azomsiza ukulwa nabantu benkosi. UPahorani wayazi ukuthi uma babelandela uNkulunkulu, babengadingi ukwesaba. UNkulunkulu uyakubavikela futhi abasize.
UMoroni wayegcwele ithemba ngenxa yokholo lukaPahorani. Kodwa wadumala ukuthi amanye amaNefi ayelwisa abantu babo futhi bengamlaleli uNkulunkulu. UMoroni wathatha ibutho wayosiza uPahorani. Waphakamisa isibonakaliso senkululeko yonke indawo lapho ayehamba khona. Izinkulungwane zamaNefi zakhetha ukulwa ukuvikela inkululeko yabo.
UMoroni noPahorani bahlula abantu benkosi ngamabutho abo. UPahorani waba ngumholi wamaNefi futhi. UMoroni wathumela amadoda amaningi ukuyosiza amabutho amaNefi. Wathumelela amabutho nokudla. Manje ngoba amaNefi ayesebumbene, anqoba izimpi eziningi. Athatha amadolobha amaningi amaNefi kumaLamani.