“UJesu Ufundisa Abantu,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UJesu Ufundisa Abantu
Ubasiza ukufunda ivangeli Lakhe
Abantu emazweni aseMelika babejabulile ukubona uJesu Kristu futhi bezwe Yena efundisa. Base belinde iminyaka eminingi ukuthi uMsindisi afike.
UJesu wabafundisa izinto eziningi ezifanayo nalezi azifundisa abantu eduze kwaseJerusalema. Wabafundisa ukuba babe nokholo, baguquke, futhi babhabhadiswe. Uma abantu bezenza lezi zinto, uNkulunkulu uyakuthumela kubo uMoya oNgcwele. UJesu wabafundisa ukuthi kuthandazwa kanjani. Wabacela ukuba baxolele abanye. Wayefuna babe isibonelo kwabanye.
3 Nefi 11:31–39; 12:22–24, 44; 13:5–14; 17:8; 18:15–24
UJesu utshela abantu ukuba baye emakhaya futhi bathandaze kuNkulunkulu abasize baqonde ayesebafundise kona. Wathi uzobuya ngosuku olulandelayo.
Ngalobo busuku, abantu batshela abanye ukuthi babone uJesu. Bakhuluma ngokwashiwo nokwenziwa Nguye. Baningi abantu abahamba ubusuku bonke ukuzobona uJesu.
Ngosuku olulandelayo, abantu bahlangana nabafundi baJesu abayishumi nambili. Abafundi bafundisa abantu konke uJesu ayesebafundise kona. Baguqa phansi basebethandaza.
Kwase kufika uJesu. Wathandazela abafundi bakhe nabantu. Abafundi bathandaza nabo. Baqala bakhazimula njengoMsindisi. UJesu wajabula. Abafundi babamsulwa ngenxa yokholo lwabo oluKuye. UJesu wathandaza futhi, abantu bamuzwa esho izinto ezimangalisayo.
Ezinsukwini ezilandelayo, UJesu wafundisa abantu izinto eziningi ngesu likaBaba oseZulwini. Wabelana ngesidlo esingcwele nabo. Bonke abantu ezweni bakholelwa kuJesu Kristu futhi babhabhadiswa. Bathola isipho soMoya oNgcwele.
Abantu babesizana futhi babelana ngakho konke ababenakho. Babekwenza konke uJesu ayebayale ukuthi bakwenze. Babebizwa ngeBandla likaKristu. uBaba oseZulwini noJesu Kristu babejabulile kakhulu ngabantu.