“Incekukazi yamaNefi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
Incekukazi yamaNefi
Ukusiza ukuze avikele abantu bakhe
Incekukazi yayisebenzela umholi wamaNefi okuthiwa uMoriyantoni. UMoriyantoni wayebanga umonakalo phakathi kwabantu. Wahlasela iqembu lamaNefi futhi wazama ukuthatha izwe lawo. Wabe esehlela ukuya enyakatho nabantu bakhe ukuze athathe indawo lapho.
Ngolunye usuku, uMoriyantoni wathukuthela incekukazi. Wayiphatha kabi kakhulu futhi wayilimaza. Incekukazi yaphunyuka yagijimela ekamu likaKapteni uMoroni. Yatshela uMoroni ngezinto ezimbi ezenziwa nguMoriyantoni. UMoroni wayikholwa.
Incekukazi nayo yathi uMoriyantoni wayefuna ukuhamba ayothatha indawo esenyakatho. UMoroni wayekhathazekile. AmaNefi angaba sengozini uma uMoriyantoni ethatha izwe elisenyakatho. Kungenza abantu balahlekelwe yinkululeko yabo.
UMoroni wathumela ibutho ukuthi liyovimba uMoriyantoni. Abantu bakaMoriyantoni balwa nebutho futhi bahlulwa. Bathembisa ukuba nokuthula bese babuyela ezweni labo. Ngenxa yokuthi incekukazi yamxwayisa uMoroni, amadolobha amaNefi ahlala ephephile.