Scripture Stories
Ikhaya Elisha eZweni Lesithembiso


“Ikhaya Elisha eZweni Lesithembiso,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“Ikhaya Elisha eZweni Lesithembiso,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

2 Nefi 4–5

Ikhaya Elisha eZweni Lesithembiso

AmaNefi namaLamani

Isithombe
Imindeni izungeze uLehi

Umndeni kaLehi noSariya waqhubeka wakhula ezweni lesithembiso. Abantwana babo babanabantwana babo. ULehi wayesebamdala. Ngaphambi kokuba afe, wanikeza izibusiso kumalungu omndeni wakhe. Wabatshela ukuthi uma begcina imiyalelo kaNkulunkulu, iNkosi yayizobasiza.

2 Nefi 4:3–12

Isithombe
ULamani noLamuweli bebheke uNefi.

Emveni kokufa kukaLehi, uNefi wahola abantu. Wabatshela ukuthi balalele iNkosi. ULamani noLamuweli babethukuthele. Babefuna ukubulala uNefi khona kuzohola bona.

2 Nefi 4:13; 5:1–4

Isithombe
iqoqo labantu lihamba

INkosi yatshela uNefi ukuba akahambe nomndeni wakhe kanye nanoma ubani omunye owayefuna ukulandela iNkosi. Bahamba izinsuku eziningi futhi bathola indawo entsha yokuhlala.

2 Nefi 5:1, 5–8

Isithombe
abantu belima

Laba abahamba noNefi babizwa ngamaNefi, nalaba abahlala babizwa ngamaLamani. AmaNefi acela uNefi ukuba awahole. Asebenza kanzima. Babelima, bekhulisa izilwane, futhi bakha ithempeli nezinye izakhiwo. Abefundisi nothishela babefundisa mayelana neNkosi, futhi abantu babejabulile.

2 Nefi 5:9–11, 13–17, 26–27

Shicilela