Scripture Stories
Imithi Yomnqumo


“Imithi Yomnqumo,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

Jakobe 5–6

Imithi Yomnqumo

Uthando lukaNkulunkulu ngabantu Bakhe.

Isithombe
Umfanekiso womuthi womnqumo uyavezwa ngenkathi uJakobe ekhuluma

UJakobe wayengumprofethi kaNkulunkulu. Wayefuna ukufundisa amaNefi mayelana nokuthi uNkulunkulu ubathanda kangakanani abantu Bakhe. UJakobe wabaxoxela indaba mayelana nomvini wemithi zomnqumo. INkosi yomvini nomsizi wayo babesebenza ndawonye ukuba banakekele umvini.

Jakobe 5:1–4, 7; 6:4–5

Isithombe
INkosi yomvini imba ngefosholo eceleni komuthi womnqumo

INkosi yayinesihlahla somnqumo esikhethekile esasimila izithelo ezinhle. UJakobe wathi lesi sihlahla sasifana nabantu baNkulunkulu, noma indlu ka-Israyeli. Isithelo sasifana nezenzo zabantu. INkosi yayisinakekela kahle lesishahla. Wasisiza ukuba sikhule ngokondla izimpande zaso nokuthena amagatsha aso. Wasinikeza lokhu esasikudinga ukuba siphile.

Jakobe 5:1–3, 5; 6:1, 7

Isithombe
Umuthi womnqumo uqala ukufa

Emva kwesikhashana, umuthi Wakhe wekhethelo waqala ukufa. Kwakusele amagatsha ambalwa aphilayo. Lokhu kwenza iNkosi ukuba idangale. Wayefuna siqhubeke simile izithelo ezinhle.

Jakobe 5:3, 6–8

Isithombe
iNkosi yomvini isika futhi isusa igatsha eliphilayo

Ukuhlenga amagatsha aphilayo, iNkosi yawasusa bese yawahlanganisa nezinye izihlahla. Wayesewabeka endaweni yawo lawomagatsha aphilayo asuka kwezinye izihlahla.

Jakobe 5:7–14

Isithombe
iNkosi yomvini nabasizi benakekela imithi yomnqumo

Kwadlula isikhathi eside. INkosi nomsizi babevamile ukuya emvinini. Babewunakekela umuthi weNkosi okhethekile. Babephinde banakekele amagatsha akhethekile ayehlakazwe ezihlahleni ezazigcwele emvinini. Iningi lezithelo ezakhula zazizinhle. Izithelo ezinhle zajabulisa iNkosi nomsizi Wayo.

Jakobe 5:15–29, 31

Isithombe
iNkosi yomvini ikhuluma nomsizi mayelana nemithi yomnqumo

Emva kwesikhathi esithile, umuthi nomuthi wamila izithelo ezengeziwe. Kepha manje izithelo zazizimbi. INkosi yayidangele kakhulu. Yayingafuni ukulahlekelwa umvini Wayo noma izithelo zawo. Yayisebenze kanzima ukusiza izihlahla Zayo. Yazibuza ukuba yini enye engayenza. Yakhuluma nomsizi futhi yakhetha ukuqhubeka izame.

Jakobe 5:29–51

Isithombe
umsebenzi esika futhi esusa igatsha eliphilayo

Ukuhlenga umvini Wayo, iNkosi yathi akuqoqwe amagatsha Eyawasusa emthini wekhethelo. Yathi awahlanganiswe nomuthi wekhethelo futhi.

Jakobe 5:51–60

Isithombe
amagatsha aphilayo ahlanganiswa nomuthi womnqumo ohlukile

Lesi kwakuyisikhathi sokugcina lapho iNkosi yayizosebenza kumvini Wayo. Yabiza abanye abasizi ukuba basize. Wonke umuntu wasebenza ndawonye ukuqoqa futhi behlanganise amagatsha.

Jakobe 5:61–72

Isithombe
Umuthi womnqumo ophilayo nezithelo

Banakekela yonke imithi. Basusa amagatsha amabi bagcina amahle. Emva kwesikhathi, umuthi weNkosi wekhethelo wamila izithelo ezinhle futhi. Eminye imithi yamila izithelo ezinhle nazo ezazizinhle njengalezi zomuthi wekhethelo. INkosi yayijabulile. Imithi Yayo yasinda! Yonke yamila izithelo lezi Eyayizifuna ukuba ibenazo.

Jakobe 5:73–75

Isithombe
iNkosi yomvini nabasizi bebheke umuthi womnqumo omkhulu ophilayo

INkosi yababonga abasizi. Yabatshela ukuthi babusisekile ngokusebenza kanzima nokugcina imiyalelo Yayo. Yabelana nabo ngezithelo, futhi lokhu kwabajabulisa. INkosi yazithokozela isikhathi eside izithelo.

Jakobe 5:75–77

Isithombe
umfanekiso kaJesu Kristu uyavezwa ngenkathi uJakobe ekhuluma

UJakobe wayiqeda indaba yemithi yomnqumo. Wafundisa abantu ukuthi uNkulunkulu uyabakhathalela njengoba nje iNkosi yomvini yayikhathalela imithi Yayo. UJakobe wacela wonke umuntu ukuba aguquke asondele kuNkulunkulu. Wabafundisa ukuba bathande futhi basebenzele uNkulunkulu ngoba uNkulunkulu uhlala elule isandla ukuba abasize.

Jakobe 6:1–5, 7, 11

Shicilela