Izindaba zeMibhalo eNgcwele
ULehi noSariya Bashiya iJerusalema


“ULehi noSariya Bashiya iJerusalema,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“ULehi noSariya Bashiya iJerusalema,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

1 Nefi 1–2

ULehi noSariya Bashiya iJerusalema

Isexwayiso seNkosi kumndeni

umbono weNkosi

ULehi noSariya babehlala eJerusalema nabantwana babo. ULehi wabona umbono ovela eNkosini. Wabona ukuthi uMsindisi uyofika emhlabeni ngelinye ilanga. INkosi yaphinde yamubonisa ukuthi iJerusalema yayizobhujiswa.

1 Nefi 1:4–18

ULehi ekhuluma nabantu abathukuthele

ULehi watshela abantu ngombono wakhe. Wabatshela ukuthi uJesu Kristu wayezofika ngelinye ilanga ezosindisa umhlaba.

1 Nefi 1:18–19

umbono wezakhiwo ezicekeleke phansi

ULehi watshela abantu ukuthi iJerusalema iyakubhujiswa. Wabatshela ukuba baphenduke.

1 Nefi 1:14, 18–19

abantu abathukuthele

Abantu babethukuthele. INkosi yaphinde yakhuluma noLehi ephushweni. ULehi wafunda ukuthi yena nomndeni wakhe babengeke bephephe eJerusalema. Kwakumele behambe.

1 Nefi 1:19–20; 2:1–2

umndeni ushiya idolobha

ULehi noSariya bayilalela iNkosi. Nomndeni wabo balishiya idolobha. ULehi noSariya babenamadodana amane amagama awo kwakunguLamani, uLemuweli, uSamu, kanye noNefi. Kwakumele bashiye ikhaya labo nezinto zabo ezinhle.

1 Nefi 2:3–5

umndeni uhamba

Umndeni wahamba ehlane eduze noLwandle oluBomvu. ULehi wabonga iNkosi ngokubusisa umndeni wakhe. Wafundisa umndeni wakhe ukuthi ulandele iNkosi futhi ugcine imiyalelo Yayo.

1 Nephi 2:5–10

umndeni ogwadule

ULamani noLamuweli bakhononda. Babekhumbula ikhaya labo nazozonke izinto abazishiya emuva. Babengaqondi ukuthi kungani iNkosi yabacela ukuba bahambe. Babengakholwa ukuba idolobha elikhulu njengeJerusalema lalingabhujiswa.

1 Nefi 2:11–13

ULamani noLamuweli

ULamani noLamuweli babecabanga ukuthi uLehi wayeyicabanga ngamehlo engqondo imibono yakhe. Kwakuzokwenzakalani uma umndeni wabo ulahlekela ehlane ingunaphakade na?

1 Nefi 2:11

UNefi

UNefi wayefuna ukuzazela ngokwakhe ukuthi lokhu okwakushiwo uLehi kwakuyiqiniso na. Wathandaza wacela iNkosi.

1 Nefi 2:16

UNefi

INkosi yathumela uMoya oNgcwele ukuba usize uNefi ukuthi akholwe amazwi kababa wakhe. UNefi wayikholwa iNkosi futhi wabelana nalokhu akufunda nabafowabo. USamu wamulalela uNefi futhi wamkholwa , kepha uLamani noLemuweli abazange bamulalele.

1 Nefi 2:16–18