Izindaba zeMibhalo eNgcwele
AmaZoramu


“AmaZoramu,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

Alima 31–35

AmaZoramu

Ukukhulisa ukholo lwabo kuJesu Kristu

U-Amuleki, u-Alima, uKoriyantoni, namanye amaNefi bayahamba baya edolobheni

Iqembu labantu bamaNefi elalibizwa ngamaZoramu lalingayigcini imithetho kaNkulunkulu. Lokhu kwenza umprofethi u-Alima ukuba adumale. Wayazi ukuthi indlela engcono kunazo zonke ukubasiza ukubafundisa izwi likaNkulunkulu. Wahamba no-Amuleki nabanye ukuyobafundisa.

Alima 31:2–11

U-Alima no-Amuleki babebukeka bedumele, futhi abantu ababegqoke kahle babengabanakile abantu ababeswele

AmaZoramu ayazi ngoNkulunkulu kodwa ayesezishintshile izimfundiso Zakhe. Babekhonza izithixo. Babecabanga ukuthi bangcono kunabanye abantu. Futhi babenonya kubantu ababengenayo imali.

Alima 31:1, 8-12, 24–25; 32:2–3

AmaZoramu agqoke kahle ami kwisakhiwo esiphakame maphakathi nesixuku bese bephakamisela phezulu izandla

AmaZoramu ayakhe indawo ephakeme ukuba ame maphakathi nendawo namasonto awo. Ngamunye ngamunye babema kuyona bese beyakhuleka. Bayakuthandaza besebenzisa amazwi awodwa sonke isikhathi. Kulomthandazo, babethi uNkulunkulu akanawo umzimba futhi akekho umuntu owuJesu Kristu. Babethi ibona kuphela abantu uNkulunkulu ayakubasindisa.

Alima 31:12–23

U-Alima no-Amuleki bakhuluma namaZoramu ahluphekile.

U-Alima wayewathanda amaZoramu futhi wayefuna alandele uNkulunkulu noJesu. Wathandaza futhi wacela uNkulunkulu ukuba asize yena nabanye ayehamba nabo ukufundisa amaZoramu. U-Alima kanye nalabo ababenaye bagcwaliswa ngoMoya Ongcwele. Bahamba futhi bafundisa ngamandla kaNkulunkulu.

Alima 31:24–38; 32:1

AmaZoramu amaningi ahluphekile alalela u-Alima,u-Amuleki, noZeziromu befundisa

Amanye amaZoramu ayedumele. Ayengavumelekile emabandleni ngoba ayengenazo izingubo ezinhle. Ayefuna ukumdumisa uNkulunkulu kodwa ayengazi kanjani uma bengakwazi ukungena emabandleni. Abuza u-Alima ukuthi enzenjani. U-Alima wawafundisa ukuthi uNkulunkulu uyayizwa imithandazo noma ngabe akuphi.

Alima 32:2–12; 33:2–11

U-Alima uphatha imbewu encane futhi ukhomba imbali ende futhi enhle ngesinye isandla

U-Alima wathi uNkulunkulu ufuna abantu babenokholo. Waqhathanisa izimfundiso zikaNkulunkulu nembewu. Uma abantu bengatshala izimfundiso zikaNkulunkulu ezinhlizweni zabo, leyo mbewu iyakukhula futhi bayokwazi ukuthi izimfundiso zikaNkulunkulu ziyiqiniso. Wathi babedinga kuphela ukuba nesifiso sokukholwa ukuqala ukusebenzisa ukholo lwabo.

Alima 32:12–43

U-Amuleki uyakhuluma, futhi eceleni kwakhe kunesithombe sikaJesu Kristu efundisa abantu

U-Amuleki wabe esefundisa abantu ngesu likaNkulunkulu labantwana Bakhe. Wabatshela ukuthi ngoJesu bonke bangaxolelwa ezonweni zabo. Waphinda wabafundisa ukuthandaza kuNkulunkulu wathi futhi uNkulunkulu wayezobasiza aphinde abavikele.

Alima 34

Onogada babuka abantu abaningi abahluphekile beshiya idolobha

Iningi lamaZoramu elalihlupheka lalikholwa okwafundiswa u-Alima no-Amuleki. Kodwa abaholi bamaZoramu babediniwe. Baxosha bonke ababekholwa edolobheni.

Alima 35:1–6

Ama-Anti-Nefi-Lehi amukela amaZoramu ayehlupheka

Amakholwa ahamba ayohlala nama-Anti-Nefi-Lehi. Ama-Anti-Nefi-Lehi ayebesebenzela, noma ayebasiza, ngokubanika ukudla, izingubo, nomhlaba.

Alima 35:9