“UKoriyantoni,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UKoriyantoni
Ukuphendukela futhi eNkosini
UKoriyantoni wayengomunye wamadodana ka-Alima. Wahamba nobaba wakhe, umfowabo uShibiloni, kanye nabanye ukuyofundisa iqoqo labantu ababebizwa ngamaZoramu mayelana nevangeli likaJesu Kristu.
Ngenkathi uKoriyantoni ehleli nabantu, walingeka ukuba one. Kunokulalela imiyalelo yeNkosi, wakhetha ukwenza izinto ezaziphambene nomthetho kaNkulunkulu. Ngenxa yalesenzo sakhe, amanye amaZoramu awakholwanga lokhu okwakufundiswa ngu-Alima namadodana akhe.
U-Alima wamema uKoriyantoni ukuba aphenduke futhi aphendukele kuNkulunkulu ukuba athethelelwe. UKoriyantoni wayekhathazekile ngezingxenye zesu leNkosi. U-Alima wasiza indodana yakhe ukuba iqonde isu leNkosi lenjabulo, Inhlawulo kaKristu, ukuvuka kwabafileyo, nokuphila ngemva kokufa. U-Alima wamukhumbuza ukuba iNkosi yayinomsebenzi okwakumele awenze.
U-Koriyantoni wamulalela ubaba wakhe. Wakholelwa kuJesu futhi waguquka ezonweni zakhe. Wafunda ukuthi iNkosi yayineqiniso iphinde ibe nothando nomusa. UKoriyantoni wafundisa futhi kanye nobaba wakhe nomfowabo. Bafundisa abantu abaningi mayelana nentokozo nokuthula kokuguquka nokuphila ivangeli likaJesu Kristu.