Scripture Stories
UKholo lweNdlovukazi


“uKholo lweNdlovukazi,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“uKholo lweNdlovukazi,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

Alima 18–19

UKholo lweNdlovukazi

Ukuthola intokozo kuJesu Kristu.

Isithombe
umyeni wendlovukazi uwela phansi

Indlovukazi yamaLamani yayibusa nomyeni wayo, iNkosi uLamoni. Inkosi yacela umNefi owayebizwa ngo-Amoni ukuba amfundise ngeNkosi. Inkosi yakukholwa lokhu u-Amoni amtshela kona. Yaguqa yakhuleka yase icela iNkosi ukuba iyixolele. Ngenkathi ikhuleka, inkosi yawela phansi. Kwakubukeka engathi ifle.

Alima 18:21, 24–42

Isithombe
Indlovukazi ibuka umyeni wayo owile

Izinceku zenkosi zamyisa kwindlovukazi. Bamubeka embhedeni wakhe. Walala khona futhi wanganyakaza izinsuku ezimbili nobusuku obubili.

Alima 18:43

Isithombe
indlovukazi ikhuluma nomsizi

Ngaleso sikhathi, indlovukazi nabantwana bayo babedangele. Bahlala nenkosi futhi bakhala phezukwayo. Abanye abantu bathi inkosi kumele ingcwatshwe. Kepha indlovukazi yayifuna ukukhuluma no-Amoni kuqala. Yezwa ukuthi wayenamandla kaNkulunkulu. Abasizi bendlovukazi bacela u-Amoni ukuba eze endlovukazini.

Alima 18:43; 19:1–3, 5

Isithombe
indlovukazi ikhuluma no-Amoni

Indlovukazi yatshela u-Amoni ukuthi yezwa ukuthi wayengumprofethi kaNkulunkulu. Yacela u-Amoni ukuba ahambe ayobona inkosi. U-Amoni wayazi ukuthi inkosi yayiphila. Kwakungamandla kaNkulunkulu lawa ayebanga ukuthi inkosi ilale. U-Amoni watshela indlovukazi ukuthi umyeni wakhe wayezakuvuka ngosuku olulandelayo.

Alima 19:3–8

Isithombe
indlovukazi iqamelise ikhanda layo kumyeni wayo

Indlovukazi yayimethemba u-Amoni futhi yayinokholo olukhulu kuNkulunkulu. Yayikholelwa ekutheni umyeni wayo wayezovuka ngosuku olulandelayo. U-Amoni wamtshela ukuthi wayebusisekile ngenxa yokholo lwakhe olukhulu. Watshela indlovukazi ukuthi yayinokholo olwengeziwe kunolabantu bakhe. Indlovukazi yahlala eduze futhi yaqaphela umyeni wayo ubusuku bonke.

Alima 19:9–11

Isithombe
indlovukazi ijabulile umyeni wayo evukile

Ngosuku olulandelayo, inkosi yavuka. Yatshela indlovukazi ukuthi yabona uJesu Kristu. Indlovukazi nenkosi babazi ukuthi uJesu wayebathanda kangakanani, futhi babegcwele intokozo.

Alima 19:12–13

Shicilela