Scripture Stories
UGidiyoni, u-Alima kanye noNehori


“UGidiyoni, u-Alima kanye noNehori,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“UGidiyoni, u-Alima kanye noNehori,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

Alima 1

UGidiyoni, u-Alima kanye noNehori

Ukumela iqiniso ngamazwi kaNkulunkulu.

Isithombe
U-Alima oMncane elalele ubaba wakhe

AmaNefi akhetha u-Alima oMncane ukuba abe umhluleli wabo omkhulu. U-Alima wayephinde abe umpristi omkhulu eBandleni.

Mosiya 29:41–44

Isithombe
UNehori ekhomba esibhakabhakeni

Indoda eyayibizwa ngoNehori yaqala ukufundisa abantu okuthile eyayikubiza ngezwi likaNkulunkulu. Kepha wafundisa abantu ukuba babengadingi ukulalela uNkulunkulu noma baphenduke.

Alima 1:2–4, 15

Isithombe
abantu belethela uNehori imali

Abantu abaningi babemukhonzile futhi bezikholwa izinto ezazishiwo nguNehori. Wayefuna abantu bamuphe imali futhi bamukhonze. Wayezitshela ukuthi ungcono kunabanye abantu. Wazakhela elakhe ibandla, futhi baningi abamlalela.

Alima 1:3, 5–6

Isithombe
UNehori exabana noGidiyoni

Ngolunye usuku, uNehori wahlangana nekhehla elidala elalibizwa ngoGidiyoni. UGidiyoni wayengumfundisi eBandleni likaNkulunkulu futhi wayenze izinto ezinhle eziningi. UNehori wayefuna ukuba abantu balishiye iBandla, ngakho-ke waxabana noGidiyoni. UGidiyoni wasebenzisa amazwi kaNkulunkulu ukubonisa ukuthi uNehori wayengafundisi iqiniso. UNehori wayethukuthele! Wabulala uGidiyoni ngensabule yakhe.

Alima 1:7–9, 13

Isithombe
UNehori exabana no-Alima

Abantu bayisa u-Nehori ku-Alima ukuba ayohlulelwa. UNehori wazama ukuvikela lokhu ayekwenzile. Wayengafuni ukujeziswa.

Alima 1:10–11

Isithombe
U-Alima enikeza isehlulelo

U-Alima wathi izimfundiso zikaNehori zazingalungile futhi zazingalimaza abantu. U-Alima wawulandela umthetho. Ngenxa yokuthi uNehori wabulala uGidiyoni, uNehori wabulawa.

Alima 1:12–15

Isithombe
U-Alima ecabanga ngabantu

Ngaphambi kokuba afe, uNehori watshela abantu ukuba wayekade eqambe amanga. Wayengafundisanga izwi likaNkulunkulu. Nakuba uNehori asho ukuthi wayenephutha, baningi abantu abalandela isibonelo sakhe. Baqamba amanga kubantu ukuze bathole udumo nemali. Kodwa abanye abantu balalela u-Alima. Banakekela abampofu futhi bagcina imiyalelo kaNkulunkulu.

Alima 1:15–16, 25–30

Shicilela