Scripture Stories
U-Alima noKorihori


“U-Alima noKorihori,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

U-Alima 30

U-Alima noKorihori

Ukholo lokuthi uNkulunkulu ukhona

Isithombe
UKorihori uyamamatheka futhi ukhuluma nomuntu njengoba behamba ndawonye emgwaqeni ophithizelayo

Indoda eyayibizwa ngokuthiwa uKorihori yeza ezweni laseZarahemla. Watshela abantu ukuthi uNkulunkulu noJesu Kristu abekho.

U-Alima 30:6, 12, 37–38, 45

Isithombe
UKorihori uyamamatheka futhi ukhomba ingane edabukile

UKorihori wathi abantu bangakwazi okuthile uma bekubona kuphela. Wayehlekisa ngabantu ababekholelwa kuJesu.

U-Alima 30:13–16

Isithombe
UKorihori uyamamatheka futhi ukhuluma nesixuku sabantu

UKorihori wathi abantu babengayidingi imiyalelo kaNkulunkulu. Wathi abantu bangenza noma yini abayifunayo. Abantu abaningi bamkholwa. Banquma ukwenza izinto ezimbi.

U-Alima 30:17–18

Isithombe
UKorihori eboshiwe futhi ekhishwa amasosha esigodini

UKorihori wazama ukufundisa ama-Anti-Nefi-Lehi, kodwa abamkholwanga. Bambopha bese bammukisa. Kunalokho waya ezweni lakwaGidiyoni. Nabantu bakhona bambopha. Bamthumela ku-Alima.

U-Alima 30:19–29

Isithombe
UKorihori uyamamatheka futhi ukhomba u-Alima

Ukorihori watshela u-Alima ukuthi uNkulunkulu akekho. Wathi u-Alima kanye nabanye abaphristi babeqamba amanga kubantu. UKorihori wathi benza abantu balandele amasiko angenangqondo. Waphinde wathi bebethatha imali kubantu. U-Alima wayazi ukuthi lokhu akulona iqiniso. Wayekholelwa kuNkulunkulu nakuJesu.

U-Alima 30:30–40

Isithombe
U-Alima ukhuluma nesixuku sabantu njengoba uKorihori ehlezi ngemuva esonge izingalo

U-Alima wathi abaphrofethi kanye nakho konke okusemhlabeni kusiza abantu ukuthi bazi ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela. UKorihori wayefuna ubufakazi obengeziwe. U-Alima wathi uzonikeza uKorihori ubufakazi. Wathi uNkulunkulu wayezokwenza uKorihori angakwazi ukukhuluma. Ngokushesha nje emva kokuba u-Alima akhulume lokhu, uKorihori akazange asakwazi ukukhuluma.

U-Alima 30:41–50

Isithombe
UKorihori ubukeka edangele futhi ekhomba ipheshana elibhalwe kulo njengoba isixuku sabantu sisuka kuye

UKorihori wabhala ukuthi wayazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Wayehlale ekwazi lokhu. Wabhala ukuthi udeveli wayemkhohlisile. Udeveli watshela uKorihori ukuthi afundise amanga ngoNkulunkulu kanye noJesu. Lapho abantu befunda iqiniso ngoKorihori, abazange bazikholelwe izimfundiso zakhe. Baphenduka futhi baqala ukulandela uJesu futhi.

U-Alima 30:52–53, 57–58

Shicilela