“UMoroni uMprofethi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UMoroni uMprofethi
Ukuba nothando olumsulwa lukaJesu Kristu
UMoroni waba umprofethi wokugcina wamaNefi. Walwa empini enkulu eyayiphakathi kwamaNefi namaLamani. Umndeni wakhe nabobonke ayebazi bafa empini. Abantu ezweni babebabi. Babulala noma ubani owayekholelwa kuJesu Kristu. UMoroni wayekholelwa kuJesu. Wayengeke aphike ukuthi uJesu unguMsindisi.
Uyise kaMoroni, uMormoni wayebhala umlando wabantu bakhe kulezi zingcwephe zensimbi. Ngaphambi kokuba uMormoni afe, wanikeza indodana yakhe uMoroni izingcwephe. UMoroni kwamele acashe ukuvikela impilo yakhe kanye nezingcwephe.
Mormoni 6:6; 8:1–5,13; Moroni 1:1–3
Impilo yayinzima kuMoroni, kodwa wahlala ethembekile. Wabhala phansi okwafundiswa uMornoni ngesihe, uthando olumsulwa lukaKristu. UMormoni wathi abantu kumele bathandaze kuNkulunkulu ngawo wonke amandla ezinhliziyo zabo ukuthola loluthando. Wathi uNkulunkulu unika isihe kulabo abalandela uJesu ngokweqiniso.
Moroni 7:32–33, 40–48; 10:20–21, 23
UMoroni wayewathanda amaLamani nakuba amanye awo ayesebulale bonke ayebazi futhi efuna nokubalala naye. Wabhala izinto eziningi kwizingcwephe zensimbi ukusiza amaLamani esikhathini esizayo. Wayenethemba lokuthi babezowufunda lomlando ngolunye usuku bese bekholelwa kuJesu futhi.
Mormoni 8:1–3; Moroni 1:1–4; 10:1
UMoroni umema bonke abantu abafunda lomlando ukuba bacabange indlela uNkulunkulu abanakekele ngothando ngayo abantwana Bakhe. Uyabamema ukuba bathandaze bese bebuza uNkulunkulu ukuthi irekhodi liyiqiniso na. Uthi uma benokholo kuJesu futhi befuna ukwazi ngempela, uNkulunkulu uyakubazisa iqiniso. Bayokwazi ngamandla kaMoya oyiNgcwele.
Isandulelo eNcwadini kaMormoni; Moroni 10:1–5
UMoroni waqeda ukubhala umlando. Wayesegqiba izingcwephe zensimbi emhlabathini. UJesu watshela uMoroni ukuthi umlando obhalwe ezingcwepheni uyobusisa abantwana bakaNkulunkulu umhlaba wonke ngelinye ilanga.
Ngemuva kweminyaka eminingi, uNkulunkulu wathumela uMoroni, njengengilosi, ukuba abonise umfanyana omncana ogama lakhe linguJoseph Smith lapho izingcwephe zensimbi zazigqitshwe khona. uJoseph Smith wabizwa nguNkulunkulu ukuthi abe ngumprofethi. UNkulunkulu wasiza uJoseph ukuhumusha izingcwephe ukuze abantu bakwazi ukufunda okwakubhalwe kuzona. Umlando manje ubizwa ngokuthi iNcwadi kaMormoni.