“U-Alima Emanzini kaMormoni,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
U-Alima Emanzini kaMormoni
Ukuba abantu bakaNkulunkulu
U-Alima wayekade engumphristi wenkosi eyayibizwa ngokuthi uNowa. U-Alima wazama ukusindisa u-Abinadi, umphrofethi kaNkulunkulu, ekubulaweni nguNowa. Kodwa uNowa wamthukuthelela u-Alima futhi wafuna ukumbulala naye u-Alima. U-Alima wabalekela uNowa ukuze ahlale ephephile. Emini, u-Alima wacasha eduze kwendawo ebizwa ngokuthi Amanzi KaMormoni.
U-Alima wakholelwa kulokho u-Abinadi akufundisa ngoJesu Kristu. Wacela uNkulunkulu ukuba amthethelele izono namaphutha akhe.
U-Alima wahlangana nabantu ngasese futhi wabafundisa ngoJesu. Wafundisa wonke umuntu owayelalela.
Abantu abaningi bamkholwa u-Alima. Bahamba baya eManzini kaMormoni ukuyozwa u-Alima efundisa.
Amakholwa ayefuna ukubizwa ngokuthi abantu bakaNkulunkulu, ukusiza abanye abaswele, futhi atshele abantu ngoNkulunkulu. Ngakho-ke u-Alima wabamema ukuba babhabhadiswe. Ngokubhabhadiswa, babezokwenza isivumelwano, noma isithembiso, noNkulunkulu sokumkhonza futhi bagcine imiyalelo Yakhe. Ngokubuyisela, uNkulunkulu wayeyobabusisa ngoMoya Wakhe.
Abantu babejabulile kakhulu. Bashaya izandla bathi bafuna ukubhabhadiswa. U-Alima wabhabhadisa ngamunye wabo emanzini aseMormoni. Bonke bagcwaliswa ngoMoya kaNkulunkulu futhi bezwa uthando lukaNkulunkulu ngabo. Baba ngamalungu eBandla likaKristu.
UNowa wabona ukuthi abanye abantu bakhe bayalishiya izwe lakhe. Wathumela abasebenzi ukuba bababheke. Abasebenzi babona abantu beya ezweni lakwaMormoni ukuyozwa izimfundiso zika-Alima. UNowa wathukuthela kakhulu. Wathumela ibutho lakhe ukuthi libulale u-Alima kanye nabantu u-Alima ayebafundisa
UNkulunkulu waxwayisa u-Alima ngebutho. Ngosizo lukaNkulunkulu, u-Alima kanye nabantu bakhe balishiya ngokuphepha izwe. Ibutho alikwazanga ukubabamba. Bahamba izinsuku eziyisishiyagalombili ehlane futhi bafika ezweni elihle. Bakha amakhaya amasha lapho. U-Alima wafundisa abantu, futhi basigcina isithembiso sabo kuNkulunkulu.