Scripture Stories
U-Alima no-Amuleki Ejele


“U-Alima no-Amuleki Ejele,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

U-Alima 14

U-Alima no-Amuleki Ejele

Ukholo eNkosini ngezikhathi ezinzima

Isithombe
U-Alima no-Amuleki kanye nonogada

U-Alima no-Amuleki bafundisa ivangeli edolobheni lase-Amoniha. Abanye abantu bakholwa eNkosini futhi baphenduka. Kodwa abanye abantu abaningi babemthukuthelele u-Alima kanye no-Amuleki futhi befuna ukubabhubhisa. Abantu ababethukuthele babopha u-Alima kanye no-Amuleki futhi bawathatha lamadoda amabili baya kumahluleli omkhulu wedolobha.

U-Alima 8:29–30; 14:1–4

Isithombe
U-Alima no-Amuleki beboshwe izandla

Umahluleli omkhulu wayengakholelwa ukuthi abantu bakhe babedinga ukuphenduka. Abantu babemthukuthelele u-Alima no-Amuleki. Benza amadoda ayekholelwa kulokho okwakufundiswa u-Alima no-Amuleki ukuba balishiye idolobha. Base baphonsa emlilweni abesifazane nabantwana abakholwayo eNkosini.

U-Alima 14:3, 5–9, 14, 16

Isithombe
U-Amuleki no-Alima bebukeka bedangele kakhulu

U-Amuleki wadabuka kakhulu lapho ebona abantu besezinhlungwini. Wacela u-Alima ukuba asebenzise amandla kaNkulunkulu ukuze abasindise. Kodwa u-Alima wathi uMoya kaNkulunkulu wawungeke umvumele. Watshela u-Amuleki ukuthi laba abesifazane kanye nabantwana bazoba neNkosi. INkosi yayizokwahlulela abantu abababulalayo.

U-Alima 14:9–11

Isithombe
umahluleli omkhulu ehleka

Umahluleli omkhulu wahlekisa ngo-Alima no-Amuleki ngoba iNkosi ayizange ibavikele abesifazane kanye nabantwana. Wathumela u-Alima no-Amuleki ejele.

U-Alima 14:14–17

Isithombe
U-Alima no-Amuleki ejele

Ngemva kwezinsuku ezintathu, umahluleli omkhulu waya ejele nabaphristi bakhe bamanga. Babuza imibuzo eminingi. Kepha u-Alima no-Amuleki abazange babaphendule.

U-Alima 14:18–19

Isithombe
umahluleli omkhulu ehleka u-Alima kanye no-Amuleki ejele

Umahluleli omkhulu kanye nabaphristi bakhe benza izinto ezimbi ku-Alima kanye no-Amuleki. Abazange futhi banikeze u-Alima no-Amuleki ukudla noma amanzi. Futhi bahlekisa ngalokho ababekufundisile u-Alima beno-Amuleki.

U-Alima 14:19–22

Isithombe
U-Amuleki no-Alima baboshwa eduze nejaji elikhulu

U-Alima no-Amuleki bahlupheka izinsuku eziningi. Umahluleli omkhulu weza futhi nabaphristi bakhe. Watshela u-Alima no-Amuleki ukuthi uma benamandla kaNkulunkulu, kufanele bagqashule izintambo ezazibabophile. Khona-ke wayezobakholwa.

U-Alima 14:23–24

Isithombe
U-Amuleki no-Alima bayasukuma

U-Alima no-Amuleki bezwa amandla kaNkulunkulu. Basukuma. U-Alima wayenokholo eNkosini futhi wacela amandla okugqashula izintambo.

U-Alima 14:25–26

Isithombe
izintambo zigqashuka

U-Alima no-Amuleki bagqashula izintambo. Umahluleli omkhulu nabaphristi bakhe babethukile. Bazama ukubaleka, kodwa umhlaba waqala ukuzamazama

U-Alima 14:26–27

Isithombe
U-Amuleki no-Alima phezu kwejele elibhujisiwe

Izindonga zejele zawela phezu kukamahluleli omkhulu nabaphristi bakhe, bafa. Kodwa iNkosi yagcina u-Alima kanye no-Amuleki bephephile. Lapho abantu bezwa umsindo, bagijima beyobheka ukuthi kwenzekalani. U-Alima no-Amuleki kuphela abaphuma ejele. Abantu babesaba u-Alima kanye no-Amuleki kakhulu kangangokuthi babaleka.

U-Alima 14:27–9

Shicilela