“UTeyankumi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)
UTeyankumi
Evikela abantu bakhe
UTeyankumi wayengumholi webutho likaKapteni uMoroni. Wayezama ukugcina amadolobha amaNefi ephephile kumaLamani.
U-Amalikiya wayengumNefi owaba yinkosi yamaLamani. Wayefuna ukubusa phezu kwamaNefi futhi. Wahlasela amaNefi, wathatha amadolobha amaningi.
U-Alima 47:1, 35; 48:1–4; 51:23–28
Ibutho laTeyankumi lahamba ukuyovimba ibutho lika-Amalikiya ekuhlaseleni amadolobha amaNefi.
Amabutho alwa usuku lonke. UTeyankumi kanye nebutho lakhe balwa ngamandla amakhulu nangekhono kunebutho lika-Amalikiya. Kodwa alikho ibutho elanqoba. Lapho sekuhwalala, womabili amabutho ayeka ukulwa ukuze aphumule.
Kodwa uTeyankumi akazange aphumule. Yena nenceku yakhe baya ngasese enkanjini lika-Amalikiya.
UTeyankumi wanyonyoba wangena etendeni lika-Amalikiya. Wabulala u-Amalikiya ngaphambi kokuba u-Amalikiya avuke. Khona-ke uTeyankumi wabuyela enkanjini yakhe futhi watshela amasosha akhe ukuba alungele ukulwa.
Ngenkathi amaLamani ephaphama, athola ukuthi u-Amalikiya wayesefile. Babona nokuthi uTeyankumi nebutho lakhe babekulungele ukulwa nabo.
AmaLamani ayesaba futhi abaleka. Isu likaTeyankumi lenze amaLamani asabe kakhulu ukuhlasela amanye amadolobha amaNefi. Manje uTeyankumi wayesenesikhathi sokwenza amadolobha amaNefi aphephe. Wasebenza kanzima ukuze avikele abantu bakhe. Wakwazi ukugcina amadolobha amaningi amaNefi ephephile.