Izindaba zeMibhalo eNgcwele
UJesu Kristu Ubuyela kuYise


“UJesu Ubuyela kuYise,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

3 Nefi 28; 4 Nefi 1

UJesu Kristu Ubuyela kuYise

Esebenzela abafundi bakhe ngaphambi kokuthi ahambe

UJesu Kristu ukhuluma neqembu labantu.

UJesu wayesebafundisile abantu ivangeli Lakhe. Wayebafundisile ukuthanda uNkulunkulu nokusebenzelana. Maduze, uJesu wayezobuyela kuYise. Wacela abafundi ukuba baqhubeke ukufundisa abantu emva kokuba esehambile.

3 Nefi 11:41; 28:1

UJesu Kristu uyamamatheka futhi ulula isandla Sakhe

Ngaphambi kokuthi ahambe, UJesu wabuza abafundi bakhe ngamunye ukuthi bangathanda abenzeleni. Iningi labafundi lathi lifuna ukuhlala noJesu emuva kokuqeda ukumsebenzela emhlabeni. UJesu wabathembisa ukuthi bayohlala Naye emva kokufa.

3 Nefi 28:1–3

abafundi abathathu babukeka bekhathazekile

Abafundi abathathu babedumele ngoba babekhathazekile ukutshela uJesu ukuthi babefunani. Kodwa uJesu wayazi ukuthi babefunani Kuye. Babefuna ukuphila kuze kube ukubuya kwesiBili kukaMsindisi ukuze basize iningi labantu lize kuJesu.

3 Nefi 28:4–7, 9

UJesu Kristu ukhuluma nabafundi abathathu

UJesu wabathembisa ukuthi ngeke bafe. Bayokuhlala emhlabeni futhi basize abantu ukuza Kuye kuze kube Ukubuya Kwakhe okwesiBili.

3 Nefi 28:7–11

UJesu Kristu ukhuphukela emoyeni futhi uzungezwe ukukhanya

UJesu wathinta abafundi bakhe ngamunye ngomunwe Wakhe ngaphandle kwabathathu ababefuna ukuhlala emhlabeni. Wase ehamba uJesu wabuyela kuBaba oseZulwini.

3 Nefi 28:1, 12

Abafundi abathathu bayamamatheka futhi bayakhazimula kancane.

Emuva kwalokhu, amazulu avuleka abafundi abathathu bathathwa banyukela ezulwini. Babona futhi bezwa izinto ezimangalisayo futhi batshelwa ukuba bangakhulumi ngazo. Imizimba yabo yashintshwa ukuze bangafi noma bezwe ubuhlungu.

3 Nefi 28:13–15, 36–40

Abafundi babhabhadisa abantu

Abafundi babuya futhi baqhubeka nokufundisa abantu ngoJesu. Abantu babefuna ukulandela uJesu futhi babhabhadiselwa eBandleni Lakhe. Uthando lukaNkulunkulu lwalusezinhliziyweni zabo, futhi babelana ngakho konke ababenakho. Babejabule, futhi uNkulunkulu wababusisa. Wonke umuntu waphila ngoxolo iminyaka eyela kwengama-200.

3 Nefi 28:16–18, 23; 4 Nefi 1:1–23