Scripture Stories
U-Abishi


“U-Abishi,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

U-Alima 17–19

U-Abishi

Esiza abantu bakhe bakholelwe kuJesu

Isithombe
U-Abishi ehamba phakathi esigodini

U-Abishi wayesebenzela indlovukazi eyayingumLamani. U-Abishi wayefunde ngoJesu Kristu embonweni kababa wakhe. Iminyaka eminingi, wayekholelwa kuJesu futhi efuna ukumlandela. Kodwa wayengakawatsheli amanye amaLamani.

U-Alima 19:16–17

Isithombe
U-Abishi ebuka indlovukazi, inkosi, kanye no-Amoni

Ngolunye usuku, umNefi ogama lakhe lingu-Amoni weza embusweni ezofundisa amaLamani ngoJesu kanye noNkulunkulu. Indlovukazi nenkosi bakukholwa lokhu okwakufundiswa u-Amoni. Indlovukazi nenkosi bebazi ukuthi uJesu uzoza emhlabeni futhi enze ukuze bonke abakholwa kuye bathethelelwe.

U-Alima 17:12–13; 18:33–36, 39–40; 19:9, 13

Isithombe
U-Abishi ubona bonke abantu bewela phansi

Indlovukazi nenkosi bezwa uMoya oNgcwele futhi bajabula ngendlela yokuthi bawela phansi. U-Amoni kanye nezinceku nabo bawa. U-Abishi uyena yedwa owayemile.

U-Alima 19:6, 13–16

Isithombe
U-Abishi ekhuluma nabantu abaningi

U-Abishi wayefuna ukutshela abantu ngalesi simangaliso. Wayenethemba lokuthi abantu bazokholelwa emandleni kaNkulunkulu uma bebona okwenzekile. Ngakho-ke u-Abishi wagijima eya kwindlu nendlu. Watshela abantu ukuthi bahambe bayobona ukuthi uNkulunkulu wayenzelani indlovukazi nenkosi.

U-Alima 19:17

Isithombe
abantu abaningi bebona abantu phansi

Abantu abaningi beza endlini yendlovukazi nenkosi. Bamangala ngoba kwakubonakala sengathi indlovukazi, inkosi, nazo zonke izinceku zabo zazifile.

U-Alima 19:18

Isithombe
abantu bexabana

Babedidekile abantu. Baphikisana ngokuthi kwenzekeni kwindlovukazi nenkosi.

U-Alima 19:19–21

Isithombe
U-Abishi eguqe futhi ebambe isandla sendlovukazi

Lapho u-Abisha ebuya, wabona abantu bexabana. Wayedabukile ngoba babengawaboni amandla kaNkulunkulu. Wabe esebamba indlovukazi ngesandla, indlovukazi yasukuma yadumisa uJesu.

U-Alima 19:28–29

Isithombe
inkosi nendlovukazi bame no-Abishi no-Amoni

Indlovukazi yabamba umyeni wayo ngesandla, wasukuma. Inkosi yatshela abantu ngoJesu. Bese u-Amoni kanye nezinye izinceku basukuma. Bonke batshela abantu ukuthi uJesu ubashintshile. Manje base befuna ukwenza izinto ezinhle kuphela. Abantu abaningi babakholwa.

U-Alima 19:29–36

Isithombe
U-Abishi, indlovukazi, nenkosi bebuka umbhabhadiso

Njengoba nje u-Abishi ayethemba, abantu bawabona amandla kaNkulunkulu. Abantu abaningi bakholwa kuJesu futhi babhabhadiswa. BabenoMoya kaNkulunkulu nabo. Baze bamisa iBandla ezweni labo. Babona ukuthi uJesu usiza noma ubani ophendukayo futhi okholwa Kuye.

U-Alima 19:17, 31, 35–36

Shicilela