Scripture Stories
Umkhumbi wokuWela uLwandle


“Umkhumbi wokuWela uLwandle,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

“Umkhumbi wokuWela uLwandle,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni

1 Nefi 17–18

Umkhumbi wokuWela uLwandle

Ukulungiselela ukuya ezweni lesethembiso.

Isithombe
imindeni ngasolwandle

Inala kwakuwumhlaba owawugcwele izithelo noju. Kwakuyindawo enhle yokuphila. Umndeni kaLehi noSariya wawuhlala ngasolwandle futhi unayo yonke into owawuyidinga.

1 Nefi 17:5–6

Isithombe
UNefi ekhuleka

Emva kwezinsuku eziningi, iNkosi yatshela uNefi ukuba aye entabeni ayokhuleka. Lapho, yamtshela ukuba akhe umkhumbi ozothwala umndeni wakhe uwuwelise ulwandle.

1 Nefi 17:7–8

Isithombe
UNefi ebheke amadwala

INkosi yamubonisa ukuthi umkhumbi wakhiwa kanjani. Kepha uNefi wayengazi lapho angayithola khona insimbi yokwenza amathuluzi. INkosi yakhombisa uNephi lapho ayengabheka khona insimbi.

1 Nefi 17:8–10

Isithombe
UNefi esebenza ngenkathi uLamani noLamuweli bexoxa.

Sekudlule isikhathi, uNefi wakha umlilo wokwenza amathuluzi. ULamani noLamuweli bamubukela umfowabo uNefi. Babengafuni ukumsiza akhe umkhumbi. Babengacabangi ukuthi umqondo omuhle ukuzama ukunqamula uLwandle.

1 Nefii 17:11, 16–18

Isithombe
ULamani noLamuweli bethukuthelele uNefi.

ULamani noLamuweli babengakholwa ukuthi iNkosi yatshela uNefi ukuba akakhe umkhumbi. UNefi wababuza ukuba kungani babengakakholelwa eNkosini. Wabakhumbuza ukuthi babona ingelosi futhi babewazi amandla eNkosi. ULamani noLamuweli bathukuthela ngalendlela yokuthi babefuna ukubulala uNefi.

1 Nefi 17:18–19, 45–48

Isithombe
ULamani noLamuweli bephansi.

Kepha uNefi wayegcwele amandla kaNkulunkulu. UNefi waxwayisa uLamani noLamuweli ukuba bangamuthinti. Babesaba futhi abazange balinge bamuthinte uNefi ezinsukwini eziningi. Bese-ke iNkosi yatshela uNefi ukuba alule isandla sakhe kubafowabo. Ngenkathi uNefi elula isandla sakhe kubona, bazamazamiswa amandla eNkosi.

1 Nefi 17:48, 52–55

Isithombe
wonke umuntu esebenza emkhunjini

ULamani noLamuweli bakhonza iNkosi futhi basiza ukwakha umkhumbi. UNefi wakhuleka izikhathi eziningi eNkosini efuna usizo. Umkhumbi owakhiwa ngumndeni kaNefi wawumuhle. Emva kwezinsuku eziningi, umkhumbi wawuphelile, futhi babona ukuthi muhle. Umndeni kaNefi wawazi ukuthi iNkosi yayibasizile.

1 Nefi 18:1–4

Shicilela